
LUNGI LANGA
UKUBEKEZELA nokubeka ithemba ekutheni ngelinye ilanga uzophumelela kumsebenzele usomabhizinisi wenkamapani yamakhemikhali ehlomule ngendondo emncintiswaneni kazwelonke wezinkampani.
Ngesikhathi uNksz Nelly Shezi wenkampani yamakhemikhali, i-Elegant Line eqala ukusebenza ngo-2007 wayengazitsheli ukuthi angagcina efike ezingeni asefike kulo manje. “Ngiqale ukusebenza nginehhovisi elincane nomsebenzi oyedwa vo, owayengibhekela ihhovisi. Ngaleso sikhathi sasidayisa amakhemikhali, sasingawakhi,” kusho uNksz Shezi. Kodwa manje le nkampani seyakha amakhemikhali okubalwa kuwo insipho, amafutha asetshenziswa ezimotweni nokunye.
Kule nyanga le nkampani ihlomule indondo yokuba ngelinye lamabhizinisi enza kahle kwezokukhiqiza emncintiswaneni wakwa-Eskom, i-Business Investment Competition nathe kuzobeka ibhizinisi lakhe ezingeni eliphezulu.
UNksz Shezi uthe ngesikhathi bengenela lo mncintiswano bebelahlela, bengazitsheli ukuthi bangadla umhlanganiso kodwa manje sebevuna izithelo zakho.”
Besifuna ukuzakhela igama nokwakha ubudlelwano obuhle nezinkampani ezifana no-Eskom, besingazitsheli ukuthi singaphuma phambili,” kuchaza uNksz Shezi. Bakhethwe ezinkampanini ezingu-17 ezingene kowamanqamu kulo mncintiswano. Banikwa izindondo ezimbili eyokungena kowamanqamu neyokuba ngomakhonya kulo mncintiswano.
Omunye umklomelo kube yimali engu-R100 000 abayithole ukuze bathuthukise ibhizinisi labo.
Kodwa umklomelo osuveze izithelo owokukhangisa ngebhizinisi lakhe embukisweni obuwenziwe ngu-Eskom eGoli lapho bethole ithuba lokutshela abantu ngebhizinisi nabakwenzayo kulo.
“Kuyimanje sisayine nezinkampani ezinhlanu okubalwa kuzo ezimbili zaseBotswana ezizosebenzisana nathi. Lezi zinkampani zizodayisa imikhiqizo yethu lapho ezisebenzela khona. Lokhu kuzokwenza ukuthi umkhiqizo wethu waziwe ngabantu futhi sithole amakhasimende amaninigi kunalawo esinawo,” kusho uNksz Shezi.
Uthe imali izosetshenziselwa uhlelo lwabo lokwenza kabusha amafutha.
Bazolwenza ngokubambisana nabafundi abenza iziqu zeMasters esikhungweni semfundo ephakeme i-University of Illinois, e-USA, eChicago.
Kulo bazoqasha okwesikhashana abafundi abangu-10 bakuleli.
UNksz Shezi uthe bathemba ukuthi lokhu kuzoshiya laba bafundi becijwe ngamakhono abazokwazi ukuwasebenzisa ukuze basimame emkhakheni wokukhiqiza amakhemikhali.
Akukhona okokuqala bedla umhlanganiso emncintiswaneni osezingeni eliphezulu.
Ngo-2010 bathole indondo yokuba ngenye yezinkampani ezisathuthuka eyenza kahle emncintiswaneni owawuhlelwe ngabakwa-Transnet neDurban Chamber of Commerce.