USASHAQEKILE umndeni wowesifazane waseXobho ‘ovuke ekufeni’ ngemuva kweminyaka engu-15 angcwatshwa.
UNkk Priscilla Dlamini waKwaDabeka, eClermont, uthi usadidekile ngokutholakala kwendodakazi yakhe uNksz Nomvuyo Dlamini (30) ayigcwaba epulazini eXobho ngo-2003 ineminyaka engu-15.
UNksz Dlamini utholwe ngesonto eledlule emzini wesalukazi thizeni okuthiwa selokhu ahlala naso ngo-2010.
UNkk Dlamini uthi ayizange igule indodakazi yakhe yakhala ngekati elisabekayo ekuseni ilungisela ukuyobhalisa uGrade-8 ngoba kwakuqala unyaka.
“Ngamfica esethule egcwele izintuthwane sekungathi kade ashona. Nobaba wayekhononda eyolandwa emakhazeni ngoba wayeseshintshe ibala kodwa amalungu omndeni avumelana ngokuthi uyena,” kusho uNkk Dlamini.
LESI yisithombe sikaNksz Nomvuyo Dlamini esathathwa eminyakeni engu-15 eyedlule ngaphambi kokuthi ashone Isithombe: SITHUNYELWE
Lo mndeni uthi kwenzeka lokhu nje, ubuthi uma uye kubantu ababonayo, kushiwo ukuthi indodakazi yabo isaphila, kodwa badideke.
Kuvela ukuthi lo mndeni kulo nyaka uthole umkhondo ngalo wesifazane, okugcine ngokuthi atholwe eHighflats esebukeka edidekile emqondweni.
“Kuningi akukhulumayo okungathi kuyenzeka kuyena,” kusho uMnuz Mlekeleli Dlamini umfowabo walo wesifazane otholakele.
Umndeni uxhumane naboMnyango wezaseKhaya ukuze bathole imvume yokwenze ulibofuzo.
Sebelubikile udaba nasemaphoyiseni kumanje sebelinde imiphumela yolibo fuzo.
Kodwa unina walo wesifazane uthi ulibofuzo balwenzile nje kodwa ziningi izinto azibonayo eziqinisekisa ukuthi le yindodakazi yakhe.
“Esandleni washa esemncane unesibazi, nasendlebeni umfowabo wayembhoboza walimala, naleso sibazi sikhona,” kusho uNkk Dlamini.
Endaweni abantu basakhuluma ngalo udaba, futhi bebabaza nokufana kwalo wesifazane noNkk Dlamini.
Yize kukuningi abathi kukhomba ukuthi lo wesifazane uyingane yabo, kodwa lo mndeni uthi wulibofuzo oluzokhuluma konke.
Kodwa uma kwenzeka lubachitha, bayokwamukela nalokho. “Uma ulibofuzo lukhomba ukuthi uyena, kuyomele amaphoyisa aphenyisise ukuthi kwenzekani. Sekuyomele kuvele nokuthi kanti sangcwaba bani njengoba kukhona ithuna ebesithi ngelakhe,” kusho uNkk Dlamini.
Njengamanje lo wesifazane uhleli nalo mndeni bazama ukumbuyisela esimeni esifanele njengoba bethi wafika elenga izinto ezixakile, egaxe inqwaba yamakhadi asezitolo nawasemabhange. Wayebukeka njengomuntu ogula ngengqondo.
Okhulumela uMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal uMnuz Cyril Mncwabe, uthe ziningi izigaba okumele zilandelwe ngaphambi kokuthi ‘kuvuswe’ umuntu.
“Uma sekuze kwaphuma isitifiketi sokushona, sisuke sesidinga bonke ubufakazi bezinhlaka ezifanele zikahulumeni ezivezayo ukuthi umuntu usaphila.
“Uma bonke ubufakazi nophenyo lwamaphoyisa selikwazile ukuthola nokuthi kwakungeyena umuntu owangcwatshwa, kwatholwa nokuthi kwangcwatshwa bani sizobe sesikwazi ukungenelela.
“Uzobe esengakwazi lowo muntu ukuvuswa,” kusho uMncwabe.
Umholi wabelaphi beNdabuko uDkt Sazi Mhlongo uthe izimo ezifuze lezi ziyenzeka emindenini eminingi kodwa kusuke kufanele kwenziwe izaba engakangcwatshwa umuntu.
“Okwamanje ngeke ngiphawule ngigxile ngalolu daba ngoba nomndeni angixoxanga nawo ukuthola kahle. Kodwa engingakusho wukuthi uma umndeni uqala ubona izimpawu zokuthi kungenzeka umuntu wabo ukuthi uthwetshuliwe abasukume engakangcwatshwa baxhumane nomuntu oyinyanga abenzele intelezi.
“Yilapho okucaca khona ukuthi ubuthakathi ngempela yini noma bekuwukushintsha nje kwebala lesikhumba. Kodwa kuyenzeka umuntu uma ethwetshuliwe ashintshe ibala, bangcwabe into engekho,” kusho uDkt Mhlongo.