ISOLEZWE Indlu okubulawe kuyo abangu8 emijondolo yaseZama
Image: SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Senzo Mchunu, usigxekile isehlakalo sokubulawa kwabayisishiyagalombili eMlaza, ngoLwesihlanu ebusuku.
Kulesi sigameko esenzeke emijondolo yakwa-U kuleli lokishi, kubulawe abesilisa abayisithupha nabesifazane ababili. Kuthiwa abafi bahlaselwe ngabantu abangaziwa, abagasele emjondolo obekuhleli kuwo abafi, maqede bavulela ngenhlamvu. Munye umuntu osinde kulesi sehlakalo, okuvela ukuthi ubaleke wacasha ngosofa ngesikhathi ezwa kuqhuma inhlamvu.
“Ukuhlasela okudlule nemiphefumulo yabantu abangenacala ngesihluku esinje, kuhlasimulisa umzimba. Siyasigxeka kakhulu lesi sehlo,” kusho uMchunu.
Uthe lokhu kubulala obenziwe ngobunyoninco nangesihluku esingaka buyayihlukanisa imiphakathi.
Uthe sekukhethwe ithimba labaphenyi abazolandela yonke imikhondo yabasolwa.
“Bazoqoqa bonke ubufakazi obubalulekile ukuze babanjwe abenzi bobubi,” kusho uMchunu othe ngeke baphumule kuze kuba abasolwa bayazijezela izenzo zabo. Unxuse amalungu omphakathi ukuthi asebenzisane namaphoyisa, uma kukhona ulwazi analo angalenzi iphutha, alwedlulisele emaphoyiseni.
“Uma kukhona ulwazi onalo, noma ngabe luncane kangakanani, uma nje luzosiza ekutheni abasolwa baziwe ukuthi bangobani nokuthi baphi, lulethe emaphoyiseni,” kusho uMchunu.
Uthe bangaluhambisa ngokuthi bathinte amaphoyisa aseduze noma bashayele inombolo yamaphoyisa ethi 08600 10111, wathi bangacela ukungadalulwa uma befuna ukungaziwa.
Izigameko zalolu hlobo zejwayelekile emijondolo yaseMlaza, njengoba ngo-Agasti nyakenye, kwadutshulwa abayisithupha kwa-V6 ngemuva kwehostela iTehuis. Kuleso sigameko kuthiwa amadoda amathathu ayezihlalele ngaphandle kwemiqasho yawo eyimijondolo, eziphuzela utshwala ngesikhathi kutheleka abasolwa, bavulela ngenhlamvu.
Adlulela endlini kamastende amdubula nomunye wesilisa, athi sebebaleka ahlangana nomunye wesilisa, naye amdubula wafa. Bonke abafi babeneminyaka eqala ku-20 kuya kwengu-40.
Related Topics: