FANELESIBONGE BENGU
UFUNA ukusebenzisa umdlalo owuchungechunge iGenerations njengokhiye ozomvulela iminyango eminingi ebheke empumelelweni kwezokulingisa, umlingisi osemncane waKwaMashu ozobonakala kulo mdlalo ngasekupheleni kwenyanga.
U-Ayanda Lembede (20) odabuka kwaD, KwaMashu, uthe uzoqala ukubonakala ngoJuni 24 kulo mdlalo okhonjiswa phakathi nesonto kuSABC 1 ngo-8 ebusuku.
“Into engijabulisa kakhulu wukuthi bese kungokwesibili ngiyozama ukuthola umsebenzi kwezokulingisa, ngenhlanhla bavele bangithatha,” kusho u-Ayanda.
Uthe uzobe edlala indawo kaShoki oyintombazane ezama ukungena kwezokungcebeleka. Uthe njengoba uChoppa enenkampani ethungatha ithalente, naye uzovela kanjalo.
“UShoki uyazethemba futhi akanendaba ukuthi abantu bacabangani ngaye,” kusho u-Ayanda.
Okhulumela iGenerations, uNyagunda Ngwenya, ukuqinisekisile ukuthi u-Ayanda uzobonakala kulo mdlalo.
“Akusiyona into enkulu ngoba uyafonelwa hhayi ukuthi usijoyinile,” kusho uNyagunda.
U-Ayanda uthe kwakuyiphupho lakhe lakudala ukubonakala kwi-Generations.
“Ngikhumbula ngisemncane ngangifuna ukubulala ithelevishini ngithi ngingena kwi-Generations. Ngazitshela ukuthi ngizozama, nangempela sekwenzekile,” kusho u-Ayanda.
Uthe kusukela esikoleni eSt Michael’s Primary School naseMlazi Comtech High School, wayehlale njalo ezitshela ukuthi uzongena kwezokulingisa yize unina wayengafuni. Uthe yingakho waze wenza izifundo zeBusiness Management eTshwane University of Technology.
“Ngizitholele imenenja kwaba yiyo engihlanganiselayo njengoba sengithole lo msebenzi wokuqala nje we-Generations. Ngizoqhubeka nezifundo ngoba ngifuna ukuthi uma kungasalungi ngazi ukuthi kukhona okunye engingakwenza,” kusho u-Ayanda.
Ugqugquzele abanye ngokuthi uma befuna ukwenza into banganaki ukuthi abantu bathini kodwa benze konke ukuze baphumelele.
“Angiyiqali into engingeke ngiyiqede. Nomunye umuntu kumele acabange njengami azitshele ukuthi into ayifunayo engakwazi ukuyenza futhi izokwenzeka,” kusho u-Ayanda.