UKHALA ngokungabatholi abaqaphi owafakaza kwikhomishini ebiphenya ngokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, iMoerane Commission.
UMnuz Thabiso Zulu, owayenguNobhala wophiko lwentsha ye-ANC eHarry Gwala, ungomunye wabageqa amagula efakaza ngokungasabi kule khomishini nyakenye eThekwini.
Ngesikhathi efakaza waveza nendaba yenkohlakalo kumasipala waseMzimkhulu wakhuluma nangomngani wakhe owayeyikhansela laseMzimkhulu owabulawa kulesi sifunda uMnuz Sindiso Magaqa.
Izolo ungomunye wabebesehhovisi likaNdunankulu uMnuz Willies Mchunu njengoba uSihlalo wale khomishini u-Advocate Marumo Moerane ebezothula umbiko kuMchunu neKhabhinethi. Isithangami sabezindaba obekumele sibe khona sigcine ngokubambezeleka njengoba bekuqhubeka umhlangano oyisipesheli wekhabhinethi obekuzokwethulwa kuwona lo mbiko.
Bekulindeleke ukuthi uMoerane awethule bese uMchunu achaze ukuthi uzokhishwa kanjani emphakathini njengoba asho ukuthi uzowukhiphela umphakathi.
UZulu ugcine esehamba wakhuluma nezintatheli ekhala ngokuthi impilo yakhe isengozini.
“Kungani basibiza bathi asizokhuluma kwikhomishini bese bethi abakwazi ukuhlinzeka abantu nje jikelele ngezokuphepha. Kungani bafuna silethe imiqingo bese bengakwazi ukusivikela?” kubuza uZulu.
Uthe uDkt Nkosazana Dlamini Zuma wabuya kwi-African Union wahlinzekwa abaqaphi kodwa thina esifakazayo sibeke impilo yethu engcupheni abakwazi ukusihlinzeka. “Izingane zikaNgqongqoshe Bathabile Dlamini zanikwa abaqaphi, umama Nosiviwe Mapisa-Nqakula wahamba ngendiza yoMbuso eyolanda umuntu wesifazane eCongo ngoba enezinkinga.
“Umkhakha wezokuphepha uhlole isimo sami, kuqale kwaba uphiko olulwa nobugebengu kwase kuba ezobunhloli kodwa kuze kube yimanje angikaze ngihlinzekwe ngezokuphepha. Noma ngingeke ngingene ngigxile embikweni wezokuphepha kodwa kuthiwa akukwazi ukuhlinzekwa kwabantu nje ngezokuphepha.”