Amaphoyisa adubule abulala abasolwa abathathu eMaoti.
Image: SAPS
AMAPHOYISA adubule abulala abasolwa abathathu kugaduliswana ngenhlamvu emzini osendaweni yaseZimbabwe, eMaoti eNanda, ngoMsobuluko eminii.
Ngesikhathi amaphoyisa esondela kulo muzi, kuthiwa abasolwa baqale ukudubula bebhekise emaphoyiseni ngamawindi. Amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu kwathi ngesikhathi kudutshulwa abasolwa abathathu balimala kabi. Oyedwa kwabafile ngumsolwa owabalekela ukuboshwa eCator Manor ngenyanga edlule. Kutholwe izibhamu ezintathu kubasolwa.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda uthi laba bebelokhu bezingelwa amaphoyisa.
"Kunegobulondo lwenhlamvu ehlukile, encane kunezinhlamvu ezijwaleyekile esalithola kwenye indawo okwabulawa khona abantu. Bekusaphenywa ngohlobo lwesibhamu oluphatha le nhlamvu, kube yisimanga ukutholakala kwaso namhlanje kule ndawo," kusho yena.
Uthi laba basolwa ababulewe bayamaniswa nabanye ababoshwa ngenyanga edlule eCator Manor kubona, bekukhona uMnuz Sfiso Zukulu, Mnuz Sanele Ngwane, Mnuz Sanele Shwabede noMnuz Khayelihle Cele abasezikhindini njengamanje.
ISOLEZWE ONLINE