UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal wethule iQualified Educators App ezokwenza kube lula ukufaka isicelo somsebenzi kothisha abangaqashiwe.
Kuzodingeka bafake imininingwane yabo, iziqu abanazo nesifunda abafuna ukusebenza kusona, ukuze bathole ulwazi ezingcingweni zabo ngezikhala zomsebenzi ngokushesha.
UNgqongqoshe uMnuz Kwazi Mshengu wethule ngokusemthethweni i-App izolo, evele isisebenza, esikoleni iWestville Boys High.
UMshengu uthe i-App izolekelela nothishomkhulu abazofaka imininingwane yothisha abamdingayo esikoleni ngokushesha bese kuyavela kuthisha osuke efake isicelo somsebenzi.
Uthe lonke uhlelo lokuqashwa kothisha omusha noma ozovala isikhala somunye akumele kuthathe izinsuku ezingaphezu kuka-14.
“Uhlelo obelusetshenziswa wumnyango belunezinkinga. Kulula ukungena kwi-database utomule uthisha omthandayo ozomfaka kwinhlolokhono yomsebenzi. Abantu bebebhalisa kaningi, singazi ukuthi bangaki abantu kwi-database. Siqeda nokwenzelela obekukhona,” kusho uMshengu.
Uthe kuzoba lula ukufaka isicelo kwi-App ngoba uma usunayo kuma-download, ubhalisa, bese ukhetha isifunda othanda ukusebenza kusona, kuyothi uma uthishomkhulu ekhipha isikhangiso somsebenzi kuvele lokho efonini yofake isicelo.
“Uzophendula kuyona i-App ukuthi uyathanda yini ukubizwa kwinhlolokhono. Izothatha bonke abawulungele umsebenzi ibanike uthishomkhulu nesigungu esilawula isikole. Uma kunabalishumi abafake isicelo somsebenzi, kwabizwa abathathu kwinhlolokhono uthishomkhulu ne-SGB komele bachaze ukuthi bashoniswephi laba abanye abayisikhombisa,” kusho uMshengu.
Luyaqala ukusebenza eKZN lolu hlelo oluthathe unyaka luhlanganiswa. Umnyango uzohlinzeka zonke izikole ngama-tablets futhi unikezele ngoqeqesho.
Uthishomkhulu uNkk Mamotsau Sithole, wasesikoleni eWiggins Secondary eCato Manor, eThekwini, uthe izobasiza i-App njengoba beyisikole esintulayo.
Uthe kulikhuni ukulinda uthisha isikhathi eside, okuyinto eyamenza mhlazane efuna uthisha ngo-Okthoba, waze wamthola ngoMeyi wonyaka olandelayo.
“Manje uthisha sizomthola ngokushesha, okuyinto ezokwehlisa umthwalo kothisha. Sibongela othisha abangaqashiwe ukuthi i-App izobalekelela bathole umsebenzi ngokushesha. Abanye sebehlale isikhathi eside bengaqashiwe, abanye sebeze bashiya ebuthisheni bangena kweminye imikhakha ngenxa yokungaqashwa. I-App izoqeda nendlela yokwenzelela nenkohlakalo uma ufaka isicelo somsebenzi,” kusho uNkk Sithole.
UMnuz Eugene Silinda oyiManaging Director enkampanini iQuality Designs, eyenze i-App, uthe umnyango ubakhethe ngoba sebenzele iminyango kahulumeni eminingi uhlelo olufuze lolu.
Uthe manje sekuyisikhathi sokusetshenziswa kobuchwepheshe besimanje i-4th Industrial Revolution.
Unobhala wenyunyana iNational Teachers Union (Natu), uNksz Cynthia Barnes, uthe akanalo ulwazi nge-App entsha eyethulwe wuMshengu. Uthe bewubuholi bebengaziswanga ngakho.
UNksz NomaRashiya Caluza, ongunobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uthe inyunyana iyakweseka ukwethulwa kwe-app kodwa akufanele kuqedwe uhlelo oludala ngoba akuwona wonke umuntu onama-smartphone.
“Uhlelo lwe-app akufanele luthathe umsebenzi we-SGB wokwenza inhlolokhono. I-App izolungisa izingqinamba ebesikhala ngazo okhelweni oludala. Umnyango kuzona zonke izifunda kumele ube nezindawo ezizolekelela abangenazo izinsiza zokufaka isicelo somsebenzi,” kusho uNksz Caluza