BASOLA osomatekisi ngokuba nomhobholo abashayeli bezimoto ezincane ezithutha abantu i-Uber noTaxify.
Lokhu kulandela ukuthi bethole izinsongo zokuthi kusukela kusasa sekuzosebenza izimoto ezincane zeYo Taxi okuyi-App entsha esungulwe ngosomatekisi bososeshini abawu-12 baseThekwini.
Bathi kunemiyalezo esabalale ebasabisayo ethi kuzophela nya nge-Uber noTaxify.
Omunye wabashayeli beTaxify ocele ukungadalulwa uthe kuthiwa bona bangajoyina iYo Taxi ngoR10 000 imoto ngayinye.
“Izimoto zosomatekisi kuthiwa zona zizojoyina ngoR6 000. Nakhona bathi bazobeka isikalo sezimoto ezizojoyina. Sebesukwe wumona osomatekisi. Kuzoshuba ngoba akekho ozogoba uphondo kalula. Abaningi bathenge izimoto bazifaka kwi-Uber noTaxify, basazikhokhela,” kusho lo mshayeli.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Kwanele Ncalane uthe ababoni ukuthi ukuncintisana sekungaze kudale ingxabano.
Uthe uhulumeni usacubungula izindlela zokugunyaza ukusebenza kwezimoto zeTaxify ne-Uber kodwa ukuthi azigunyaziwe akuchazi ukuthi azivalwe ukusebenza.
“Asifisi ukuthi la KwaZulu-Natal kwenzeke njengaseGauteng lapho bekuhlaselwa abashayeli kushiswe nezimoto. Sizosiqapha isimo, sicele namaphoyisa asilekelele. Sizoxoxa nezinhlaka zonke ezithintekayo,” kusho uNcalane.
Bekhuluma neSolezwe ngeSonto osomatekisi abangabaholi beYo Taxi bakuqinisekisile ukuthi izimoto zabo ezingaphezu kuka-100 zizoqala ukusebenza kusasa.
Bathe abazile ukuzokhipha abantu emsebenzini kodwa abafuna ukujoyina bazofaka izicelo kososeshini abasendaweni abahlala kuyo.
Imali yokujoyina bathe ngu-R10 000 ohlanganisa ukubhalwa kwemoto ngaphandle, inyufomu nethuluzi lokusebenza.
Ilungu leYo Taxi lithe abashayeli be-Uber noTaxify bazobhekana nengalo yomthetho kusukela kusasa ngoba basebenza ngaphandle kwemvume.
“Le App kusithathe iminyaka emibili ukuthi siyenze isebenze ngokulandela imigudu efanele. Siyisungule ngoba sibona ukuthi uTaxify no-Uber usiphuca isinkwa sezingane. Sithenge nezinkampani iMozzie Cabs neZippy okwenza sibe nemvume yokusebenza,” kusho leli lungu.
Lithe ezokuphepha zizobe ziqinile kulezi zimoto.
Uthe zizoshibha kunalezi ezikhona ngoba kuzoba uR7 ikhilomitha kanti abafundi nabadala bazophulelwa * -25%.
Ithintwa iMenenja yeBolt Taxify kuleli uMnuz Gareth Taylor ithe bazisiwe ngezinsongo ezibhekiswe kubashayeli beTaxify.
Uthe lolu daba baludlulisele kwabomthetho ukuqinisekisa ukuphepha kwabashayeli nabagibeli.
Uthe abashayeli batsheliwe ngezindlela zokuziphephisa uma behlangabezana nobunzima.
Ukugxekile ukuvinjelwa kwabantu uzikhethele izimoto abafuna ukuhamba ngazo.