BAYA enkantolo ngoJulayi 25 osomatekisi baKwaZulu-Natal ababopha uphiko loMnyango wezokuThutha olubizwa ngoShanela bethi luyabahlukumeza.
UMnuz Bhekisisa BK Nzuza, okhulumela i-United Taxi Owners in KZN, uthe emuva kokuboshwa wuShanela ezindaweni ezehlukene zaKwaZulu-Natal, osomatekisi baye bahlangana bakhetha ukufaka udaba lwabo enkantolo.
“Kunamatekisi ahamba ngaphandle kwama-disc ngenxa yokuthi uma eboshelwa ukuthi awanawo amaphemithi ushanela ukhipha ama-disc. Itekisi liyadedelwa ukuba lihambe kodwa umnikazi walo uyaphoqwa ukuthi akhokhe imali yokuthi belihleli ephawundini yize lingakaze lihlale kulo. Ubuye ahlawuliswe enye imali yokuthi imoto ibihamba ngaphandle kwephemithi,” kusho uNzuza.
Uthe ngosuku uma imoto iphucwe i-disc umnikazi wayo uhlawuliswa uR200 wokuthi ibigciniwe.
“Ummeli wethu wuMnuz Piet Jacobs wenkampani yabameli iJacobs & Partners. Uwubophile uShanela ngoba sesikhathele yiwona usuhlukumeza. Besisenkantolo yeMantshi yaseNewcastle ngoMsombuluko yathi asibuye ngo-Agasti 7 khona naboMnyango wezokuThutha bezoziphendulela. Kuzothi ngoJulayi 25 siye eNkantolo eNkulu eMgungundlovu. Siyacela nabanye osomatekisi abahlukunyezwa wuShanela baxhumane nathi ngoba uma sihlangene sizokwazi ukulwa nokuhlukunyezwa,” kusho uNzuza.
UMnuz Mluleki Mntungwa obhekelele ezokuxhumana eMnyangweni wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uthe abaphawuli ngezindaba ezisuke zisezithebeni zenkantolo.