BATHI liyasinda ijoka kunyuka uphethroli nodizili osomatekisi kwazise ilitha likaphethroli linyuka ngoR1 nango-93 cents namuhla.
Elikadizili lona lizonyuka ngo-63 cents no-65 cents.
Lokhu kusho ukuthi ilitha likaphethroli selizobiza uR16.61 cents ezindaweni ezigudle ulwandle, bese libiza uR17.32 maphakathi nezwe; bese elikadizili lizobiza uR14.21 ezindaweni ezingasolwandle bese liba wuR14.81 maphakathi nezwe.
UMnuz Msa Maphumulo onguSihlalo weNational Taxi Alliance (NTA) KwaZulu-Natal, uthe ukunyuka kukaphethroli kuyijoka elinzima kubona njengemboni yamatekisi.
“Imali yokugibela siyinyusa kanye ngonyaka, asikwazi ukuthwesa abagibeli izindleko zokunyuka kukaphethroli nodizili. Siyazi ukuthi akukho abakutholayo uma kunyuka uphethroli nodizili, isimo sabo asishintshi sihlale sifana. Siyafisa ukuthi uhulumeni asibonelele njengemboni ethutha abantu abaningi abaya emsebenzini, ezikoleni nakwezinye izindawo,” kusho uMaphumulo.
Uthe njengeNTA bahlela ukuxoxa nazo zonke izinhlaka ezithintekayo embonini yezokuthutha ngisho nohulumeni ukuze kulungiswe udaba lwesibonelelo sosomatekisi.
“Uhulumeni akufanele asibuke ngeso elifanayo nalelo abuka ngalo izimoto ezincane. Siyasidinga isibonelelo ngoba asikwazi ukudlulisela izindleko kubagibeli,” kusho uMaphumulo.
UMnuz Sifiso Shangase obhekelele ukusebenza kwehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uthe liyababhubhela njengoba kunyuka uphethroli nodizili ekubeni neCovid-19 ibashayile.
“Sibambe amazinyo ngoba asikwazi ukunyusa imali yokugibela kaningi kodwa siyinyusa kanye ngoba sibacabangela. Okubuhlungu wukuthi selokhu kwahlasela iCovid-19 asikaze sithole isibonelelo kuhulumeni njengoba bekwenzeka kwezinye izimboni. Abagibeli baphelelwe yimisebenzi okusho ukuthi sinciphile isibalo sabagibelayo kanti abanye abasakwazi ukumelana nezindleko zempilo, bagcina belibasha ngonyawo,” kusho uShangase.
Uthe sekunzima kakhulu, abazi bazomisa kanjani njengemboni yamatekisi ngoba baqashe abantu abaningi abale kubo abashayeli, abasizi babashayeli nabawasha izimoto.