BAFUNA isinxephezelo sikaR15 million kuNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda osomatekisi baseMnambithi abamsola ngokuvala umzila wabo baze badlelwa amatekisi balahlekelwa nayinzuzo abebeyenza.
Lokhu kuvele emhlanganweni wezikhulu zamatekisi zikasoseshini iKlipriver obungoLwesihlanu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni inhlangano elwa nodlame lwamatekisi uBumbano Lokuthula Community Organisation, lapho beveze khona ukuthi uKaunda wawuvala umzila wabo ngokungemthetho ngakho bafuna abanxephezele.
Ngesonto eledlule uKaunda umemezele ukuthi useyawuvula umzila ngoba inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi osomatekisi sebengawusebenzisa umzila owavalwa ngoDisemba 2017.
USihlalo kasoseshini, uMnuz Bhekuyise Masondo, uthe inkantolo yaseMgungundlovu ithole ukuthi uKaunda wawuvala ngokungemthetho umzila wabo.
“Kumanje simatasa sikhuluma nabameli bethu ukuze siye enkantolo siyofaka isimangalo sokuba uKaunda asinxephezele ngoba salimala ngale nto ayenza. Sadlelwa izimoto zethu abanye badlelwa nemizi ngoba bengasakwazi ukuyikhokhela. Sifuna isinxephezelo sikaR15 million ukuze sibuyise konke okusilahlekele ngenxa yesinqumo esasingaphusile sikaKaunda,” kusho uMasondo.
UMnuz Andile Hlatshwayo, ohola uBumbano, uthe bayanxusa ukuba iKhabhinethi ibaseke kule mizamo yabo ukuze uKaunda asihloniphe isikhalo sabo nesinxephezelo abasifunayo osomatekisi.
Udlame obeluphakathi kweKlipriver neSizwe Taxi Association lushiye kubulewe inqwaba yosomatekisi ngenxa yombango womzila waseMbambithi obheke eThekwini naseMgungundlovu.
Kulolu dlame kwashona nabantu abangenacala njengoba kunesigameko lapho kwadubuleka khona umndeni owawusuka eGoli uye emshadweni wezihlobo zawo eMnambithi.
Kwasinda owesifazane oyedwa kuleso sehlakalo. Kwaphinde kwadutshulwa itekisi eyayigcwele othisha ababeya esikoleni ekuseni.
Abanye osomatekisi babedutshulwa ngisho ezindaweni zokosa inyama nalapho kuwashwa khona izimoto.
Okhulumela uMnyango, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe akukho lapho inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi uKaunda waba nephutha ngokuvala umzila.
Uthe yize kunjalo kodwa nabo njengomnyango bazoxhumana nethimba labo lezomthetho bathole izeluleko baphinde balandele imigudu efanele.
“Ungqongqoshe wawuvala loya mzila ngoba kwase kuchitheke igazi kakhulu abantu bebulawa. Okunye akukho lapho inkantolo yaphikisana namandla akhe okungenela odlameni lwaseMnambithi,” kusho uNcalane