UFUNA uMnyango wezeMpilo uqale uphenyo ngokushona kosana lwakhe lubelethwa owesifazane waKwaMashu.
UNksz Dimakatso Mogoje (27) uthi usola ubudedengu babahlengikazi baKwaMashu Poly Clinic ngalesi sigameko.
“Ngifuna kube khona isijeziso esinzima esizonikezwa laba bahlengikazi uma kutholakala ukuthi banecala ngokufa kwengane yami,” kusho uNksz Mogoje.
Elanda ngesigameko esimehlele uthe ubekhulelwe esenezinyanga eziyisishiyagalolunye ngenyanga ephelile, uJulayi.
Uthe ngomhla ka-19 uphoqeleke ukuthi anikele kulo mtholampilo ngesikhathi ezwa izinhlungu esiswini .
“Ngichaze kahle ngezinhlungu kubahlengikazi engabafica endaweni yabagulayo, base bethi angiphuthume egunjini lababelethayo. Bengisola ukuthi ngiyabeletha, noma bekungakaqhumi amanzi njengenjwayelo,” kusho uNksz Mogoje.
Eqhuba uthe abahlengikazi ababili abafica egunjini lababelethayo bambuza ukuthi aseqhumile yini amanzi.
“Ngithe uma ngiphendula ngithi cha, bavele bangihleka. Oyedwa wabo wangibuza ukuthi eyesingaki ingane engiyikhulelwe. Ngimtshelile ukuthi eyesibili. Uvele wathi njengomama ongaqali ukuzala, kufanele ngizazi izinkomba zokubeletha,” kusho uNksz Mogoje.
Uthe ngaleso sikhathi laba bahlengikazi bamphindise endaweni yabagulayo bengazange bazihluphe ngokumxilonga.
“Banqaba noma sengisho ukuthi ngiyayizwa ingane ifuna ukuphuma. Bese kubuhlungu emanyongeni kungasahambeki. Egunjini labagulayo nganikwa amaphilisi ezinhlungu ngagoduka,” kusho lo mama.
Utshele Isolezwe ukuthi ngalelo langa akalalanga ubusuku bonke ebhuqwa yizinhlungu.
“Kuphoqile ukuthi isoka lami lingiphuthumise esibhedlela eKing Edward ngakusasa. Ngithe ngibambe ulayini, ngabonwa omunye umhlengikazi.
Uvele wangiphuthumisa egunjini labakhulelwe ngaxilongwa. Odokotela bathe ingane isikhathele kakhulu futhi ingase ingaphili ngoba kudala izama ukuphuma,” kusho uNksz Mogoje.
Uthe uhlinzwe ngokushesha yakhishwa ingane kodwa yashonela ngaphandle.
“Ibuhlungu inhliziyo yami. Ukube ngithole ukunakwa ePoly Clinic ngabe kusheshe kwabonakala ukuthi ingane isengcupheni yokushona. Ngifuna bajeze abahlengikazi abangiphatha kabi bakhombisa ukungayilandeli imigomo kahulumeni eqhakambisa ukubeka abantu phambili. Sengisifakile isikhalazo,” kusho uNksz Mogoje.
Ethintwa ngalolu daba okhulumela uMnyango wezeMpilo, uNksz Ncumisa Mafunda, uzwakalise ukudabuka ngokudlula emhlabeni kwengane.
“Ukufika emhlabeni kwelungu elisha emndenini kuletha intokozo. Ngale kokwenzelela, iningi labahlengikazi bezempilo lisebenza ngokuzikhandla ngoba liqonda ubumqoka bomsebenzi eliwenzayo, bese kuba ilelo dlanzana labahlengikazi elizingaphathi kahle iziguli,” kuqhuba uNksz Mafunda.
Uthe umnyango usuthole ukuthi isifunda esilawula isikhungo esithintekayo sesiyalele abaphathi balesi sikhungo ukuba benze uphenyo lwangaphakathi ngalolu daba.
“Uma kukhona otholakala enecala uzothathelwa izinyathelo ezifanele,” kusho uNksz Mafunda.