UNKSZ Slindile Ximba, esinye sezitshudeni ezithweswe iziqu yiDUT kuleli sonto
Image: SITHUNYELWE
UKUKHOLELWA ekutheni impilo ephilwa esikhathini samanje idinga ukuzimela nokunganciki kwabanye abantu ukuthola okufunayo, ngeminye yemikhondo aphila ngayo uNksz Slindile "Thingolwenkosazane" Ximba, esinye sezitshudeni ezithweswe iziqu yiDurban University of Technology (DUT), emcimbini obusophiweni Indumiso, eMgungundlovu kuleli sonto.
UNksz Ximba (22), futhi osesigungwini esiphethe izitshudeni iStudent Representative Council eDUT, uthweswe iziqu zokuqala ze-Diploma in Business and Information, into athi isho lukhulu kakhulu kuyena ngoba yenzeke esahleli ngentombi, okuyivangeli alishumayela nakwabanye ozakwabo eqenjini abakulona lamatshitshi afunda kule nyuvesi abalibiza ngokuthi Izimbali Ze-DUT Virgins Club Society.
"Siyafunda, siyaphasa Siyafonda, sihlolelwe ubuntombi bethu. Ukuthweswa iziqu manje kukhombisa ukuthi leli vangeli esilishumayela nsuku zonke eqenjini lethu, asigcini ngokulikhuluma nje kuphela, kepha siyalenza futhi njengoba nami sengilana engikhona," kusho le ntokazi eyamukele iziqu zayo ihlombe ngemvunulo, ukuzigqaja ngobuyona.
Eqhuba, uNksz Ximba uthe akamile nemfundo yakhe njengoba kumanje esevele uyaqhubeka wenza i-Advanced Diploma in Business and Information Manangement, athi kuyamjabulisa ngoba kwenza abe yisibonelo kwabanye ikakhulu ozakwabo abeza emva kwakhe.
UNKSZ Slindile Ximba, esinye sezitshudeni ezithweswe iziqu yiDUT kuleli sonto
Image: SITHUNYELWE
"Njengoba ngikhona nasesigungweni esihola izitshudeni, futhi ngibhekele izinselelo zabo zansuku zonke enyuvesi, kuwumsebenzi wami futhi ukuba yisibonelo ngokwenza kahle ezifundweni ukukhombisa ukuba wumholi oqotho nozaziyo ukuthi ufuna ini empilweni. Konke engikwenzayo ngenzela ukufeza umbono nomkhondo wami wokuthi ukubambisana kwesikwenzayo kungasiyisa phambili, nokuthi ukuphumelela emfundweni akumele kube yinto yabantu abathile, kepha akube yilungelelo lawo wonke umuntu ofuna kube njalo," usho kanje.
Uthe uhlela ukuthi uma esephothule izifundu zakhe, aqhubeke afundele eminye imikhakha eyamene nazo, ezokwenza athole ulwazi lwezobuchwepheshe besimanje noma olokuba wumholi, okuzokwenza akwazi ukusebenzisa khona ukuba wumholi oqotho noza noshintsho esebenzisa ubuchwepheshe besimanje.