OGAQELE isikhundla sokwengamela i-ANC Youth League, uMnuz Reggie Nkabinde usola abaholi be-ANC ngokubakhipha inyumbazane emngcwabeni wesishoshovu somzabalazo, uNkk Winnie Madikizela-Mandela.
Ukhale ngokuthi kunikezwe uSihlalo we-ANC uMnuz Gwede Mantashe nomholi we-EFF uMnuz Julius Malema ithuba lokukhuluma kodwa i-ANCYL ayizange ibizwe.
Esikhundleni sayo kubizwe uMnuz Fikile Mbalula ukuthi azokhulumela intsha yaseNingizimu Afrika.
Izolo uNkabinde uthe ukukhishwa inyumbazane kwe-ANCYL kukhombisa ukuthi ayihlonishwa yi-ANC.
"Sibukelwe phansi wubuholi be-ANC, awukwazi ukuthi ube nomngcwabo kaMama (Madikizela-Mandela) bese ungasiniki ithuba lokukhuluma. Umama ubengumholi othanda abantu abasha, lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi i-ANC ayibuthembi ubuholi bethu. Kufanele isichazele ukuthi kungani isikhiphe inyumbazana," kusho uNkabinde.
Ukhala nje uNkabinde, uMengameli we-ANCYL uMnuz Collen Maine ubike ukuthi nguNdunankulu waseNorth West uMnuz Supra Mahumapelo owamethula emndenini wakwaGupta.
UMaine uthe uNkk Madikizela-Mandela ubengumholi oqotho ongazange aye kwabakwaGupta ngesikhathi abaholi abaningi be-ANC bethutheleka emzini walo mndeni odume ngokudla imali kahulumeni.
"Ukukhuluma kanjena kukaMaine kusho ukuthi usekhathele wukusetshenziswa nguMahumapelo ukufeza izinhloso zakhe. Kufanele kube yisifundo kubaholi be-ANC ukuthi bayeke ukusebenzisa i-ANCYL," kusho uNkabinde.
USihlalo we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu uthe uMaine kufanele aziphendulele ezinsolweni zokuthi uxolisile ukuthi ubengamkhankaseli uMengameli Cyril Ramaphosa ngaphambi kwengqungquthela yangoDisemba.
"Izinsolo abekwa zona zimfakela isigcwagcwa kodwa zenza sonke sibukeke kabi njengabaholi be-ANCYL," kusho uMshengu.
Uthe uMaine kufanele aphendule nakushilo ngomndeni wakwaGupta ngoba ubehlala ephika ukuthi uyawazi lo mndeni ngisho sekusolwa ukuthi umthengele umuzi.