ONOGADA sebesungule inhlangano yabo yezombusazwe abazongenela ngayo ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo.
Le nhlangano, i-African Security Congress (ASC), esungulwe ngo-2017, kumanje ithi isinamalungu angu-285 000, kuzwelonke.
UMxhumanisi we-ASC KwaZulu-Natal, uMnuz Delani Phewa, uthe bathathe isinqumo sokuthi bazisungulele inhlangano yabo yezombusazwe ngoba bebona ukuthi alikho iqembu lezepolitiki elizimisele ngokulwela izimfuno zonogada.
“Imboni yonogada ibukelwa phansi ngoba kuthiwa inabantu abangafundile akekho ofuna ukuzihlanganisa nayo kodwa ibalulekile njengoba iyingxenye yezokuphepha kwezwe,” kusho uPhewa.
Uthe bafuna ukuthi wonke umuntu ongunogada ezweni athathe ubulungu enhlanganweni yabo ukuze bakwazi ukuthola amavoti enele ukuthi bangene ePhalamende.
“Imboni yonogada inabantu abangu-5 million, uma bonke onogada bengaseseka singakwazi ukuthola izihlalo ezimbalwa ePhalamende ukuze sikwazi ukulwela izimfuno zabo,” kusho uPhewa.
Uthe bona abangeneli ukhetho ngoba befuna ukuphatha izwe kodwa bazimisele ngokuphucula imboni yonogada.
“Onogada bayahlukunyezwa emisebenzini akekho obakhulumelayo.
“Yithina esifa kuqala kunamaphoyisa uma kubanjwa inkunzi.
“Sigadiswa nemali okubeka engcupheni impilo yethu mihla namalanga kodwa uma sifa asinxeshezelwa. EMoses Mabhida kudlala iKaizer Chiefs kushaywa onogada kanzima, akekho noyedwa umuntu owayezwakalisa ilaka lakhe ngalokho kodwa ukube ngamaphoyisa ashaywa ngabe kwaba nomsindo omkhulu ezweni,” kusho uPhewa.
Uthe basungule inyunyana ezohambisana neyonogada, iTrade Union of Security Industry of South Africa (Tusisa) ngoba bayazi ukuthi iqembu lezombusazwe ukuze lisebenze kahle lidinga ukwesekwa inyunyana.
“Inyunyana yethu ilwela amalungelo onogada nalabo abenza umsebenzi wokuhlanza izindawo. Sifuna ukuthi uhulumeni imboni yonogada ayifake ngaphansi kwakhe iphele indaba yamathenda nezinkontileka ngoba zicindezela abantu,” kusho uPhewa.
Uthe bafuna onogada bahole imali enguR8 500 ngenyanga hhayi lawa makinati abanikwa wona.
“Sizimisele ngokuthi kuthi kufika ukhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo sibe sesinamalungu angaphezu kwesigidi,” kusho uPhewa.