ONOGADA bathungatha abasolwa mayelana nokugqekezwa kwesitolo saseChecksave eNewlands West, emgwaqweni uLoopwest, izolo.
Ngemuva kokuthola umbiko, abazange bachithe sikhathi abenkampani yonogada iKZN VIP Protection Services, bagasela endaweni yesigameko.
Bathole kuphohlozwe ifastela, kwasuswa ngendluzula i-burglar bar ekukhiywa ngayo isicabha.
Ngokusho konogada, bezwe umsindo obuphakathi esitolo okusolakala ukuthi abasolwa bebengaphezu koyedwa. Nokho bafice umsolwa oyedwa esazama ukuntshontsha impahla ebiphakathi esitolo.
Kusolakala ukuthi abanye bese bebalekile, babe sebebopha lo oyedwa balinda kwaze kwafika amaphoyisa.
Amaphoyisa abengakasiqinisekisi lesi sigameko esiqinisekiswe ngonogada beKZN Protection Services.