ABUKHO ubufakazi bokuthi umhlonyane uyayelapha i-Coronavirus.
Lokhu kushiwo nguSolwazi Salim Abdool Karim, kulandela ukuthi iMadagascar iveze ukuthi umhlonyane wakuleliya lizwe i-Artemisia annua uyalelapha leli gciwane.
UKarim ongusihlalo wekomiti eleluleka uMnyango wezeMpilo ngokwenza ucwaningo ngaleli gciwane, uthe okwamanje akukho okubambekayo okukhombisa ukuthi umhlonyane uyikhambi elingasetshenziselwa ukwelapha i-Coronavirus.
“Abantu okwamanje abalalele lokhu abatshelwa kona kunokusebenzisa izinto abangenaso iziqiniseko sazo,” kusho uSolwazi Karim.
UMengameli waseMadagascar, uMnux Andry Rajoelina wamemezela ukuthi uyakholwa wukuthi leli khambi lesintu yilo elizokwelapha i-Coronavirus.
Isikhungo esicwaninga ngamakhambi eMadagascar, iMalagasy Institute of Applied Research, sicashunwe kweminye imithombo yabezindaba sithi umhlonyane kuleliya lizwe uke wasetshenziswelwa ukwelapha umalaleveva ngo-1970 nawo onezimpawu zemfiva. Sithi ucwaningo esilwenzayo okwamanje luseyimfihlo.
Ezinkundleni zezokuxhumana, udaba lokusetshenziswa komhlonyane, luwundabizekwayo njengoba bekholwa ngukuthi yiwo ozobalamulela kulolu bhubhane.
USolwazi Nceba Ggaleni owungoti ocwaninga ngamakhambi esintu kwi-Africa Health Research Institute (AHRI), uthe umhlonyane yikhambi elidala elisetshenziselwa ukwelapha ukucinana kwamakhala nesifuba okuhambisana nomkhuhlane kodwa uthe kumele abantu baqaphele ukuthi umhlonyane okukhulunywa ngawo okuthiwa usetshenziswa eMadagascar awufani notholakala kuleli owaziwa nge-Artemisia Afra.
“Umhlonyane waseMadagascar uyayelapha imfiva ehambisana nomalaleveva kodwa owakuleli awuyelaphi imfiva ehambisana nomalaleveva, welapha umkhuhlane owejwayelekile.
“I-Coronavirus wumkhuhlale omusha ngakho abukho ubufakazi bokuthi nawo ungelapheka ngomhlonyane. Okwamanje kuningi okungacaci kahle ngocwaningo olwenziwe eMadagascar njengokuthi usetshenziswa yisiguli esikusiphi isigaba, esingakangenwa
yileli gciwane okungukuthi uyavikela noma usetshenziselwa ukwelapha isiguli esesinalo leli gciwane.
“Uma kunjalo sinikwa uma ukugula sekukusiphi isigaba. Lokhu kumele kucace ngoba lo mkhuhlane uma usungenile uhlasela umgudu wokuphefumula uze uyofinyelela emaphashini, abantu bangabe besakwazi ukuphefumula. Manje uma welapha umuntu kumele wazi ukuthi kunini lapho ungamelapha ngaleli khambi khona ukuze kungaphambani izinkomishi isiguli sinikwe umhlonyane kanti kudingeka sifakwe emshinini,” kusho yena.
Uthe akasho ukuthi abantu abangawusebenzisi umhlonyane emakhaya ngoba uyikhambi lomkhuhlane elaziwayo kodwa uthi kusesekuseni ukuthi kungathiwa uyikhambi elingasetshenziselwa uwonkewonke.
Uqhube wathi njengamanje bazilungiselela ukwenza ucwaningo olwenziwa e-laboratory ngamakhambi esintu omkhuhlane kuwo okukhona nawo umhlonyane.
UMnuz Popo Maja, okhulumela uMnyango wezeMpilo kuleli, uthe uhulumeni ngeke uwusebenzise umhlonyane njengekhambi lokwelapha i-Corona okwamanje ngoba alikakahlolwa.
“Siyazi ukuthi leli khambi sekunesikhathi lisetshenziselwa ukwelapha umkhuhlane e-Afrika futhi abalisebenzisayo liyabasebenzela. Abazisebenziselayo emakhaya ngeke sibanqande,” kusho yena.
UDkt Michael Ryan wenhlangano yezeMpilo emhlabeni, iWorld Health Organization, uthe bayakweseka ukusetshenziswa kamakhambi esintu kodwa kumele ahlolwe kuqala.
“Abantu base-Afrika kufanele basebenzise amakhambi ahloliwe njengabo bonke abantu emhlabeni,” kusho yena.
Usihlalo wabaholi bendabuko kuleli, uMnuz Sazi Mhlongo, uthe ukuhlolwa kwemithi ngendlela yasentshonalanga kuthatha isikhathi eside, ngaleso sikhathi abantu bayafa
“Thina umhlonyane siwuhlola enyameni, awukaze usibulale,” kusho yena.