Izindaba

Onamava ezomthetho neziqu ngocwaningo lokulwa ne-GBV emphakathini

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Ntompela Bhengu, ngomunye wabathweswe iziqu yi-UKZN kuleli sonto

Image: SITHUNYELWE

UKUSEBENZA isikhathi eside embonini yezomthetho enza imisebenzi eyahlukene kubalwa ukuba wumshushisi akwenze eminyakeni edlule noukuba yimantshi akwenzayo manje eNkantolo yeMantshi eseXopo, ogwini oluseningizimu Afrika, lwenze wabona ukuthi kusekuningi kangakanani okusadinga ukwenziwa ukulwa nesihlava zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane emphakathini nasezweni lonke jikelele.

Lowo wuNksz Ntompela Bhengu, othweswe iziqu ze-Master of Laws in Advanced Criminal Justice e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) kuleli sonto, lapho abenza khona ucwaningo oluthi The Role of Izinduna and Amakhosi in Eradicating Domestic and Gender-Based Violence, lapho abecwaninga khona ngeqhaza okumele libanjwe ngamakhosi nezinduna ukulwa nokunqoba inkinga yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane ezweni.

"Ngenkathi ngiqala ukusebenza emacaleni ezinkinga ezahlukene zemindeni, bengivame ukuzwa ukuthi imibono ephusile yabaholi bomphakathi ukuthi basebenzisa ziphi izindlela ukuzama ukuxazulula izinkinga ezibhekene nabantu ababaholayo emphakathi abayiphethe. Bebevame ukukhuluma izinto, othi uma ulalele - uzwe ukuthi zinobuhlakani obunzulu, kodwa kuthi uma sekungamacala eyamene nodlame lwezobulili, kube yibona abasho kuqala ukuthi izinkinga ezinjalo kumele zixazululwe ngokulandela umthetho," kusho uNksz Bhengu.

Ocwaningweni lwakhe ubebheka iqhaza elingabanjwa ngabaholi bomphakathi ukulwa nalesi sihlava ezindaweni zasemakhaya, ecwaninga elandela isigatshana somthetho i-Domestic Viollence Act 16 yango-1998, esabuyekezwa ngo-Ephreli wango-2023.

"Bengigxile kakhulu kwiqhaza abangalibamba uma benganikwa imvume yokungenela ukuxazulula amacala anjena ezinkantolo zabo ezincane emakhaya. Lokho kungenxa yokuthi ngiyaqonda ukuthi udlame lobululi alunamncele, lwenzeka ezindaweni zomtakabani nasezindaweni zasemakhaya ngokufanayo," kusho uNksz Bhengu ohlala eMgungundlovu.

Uveze ukuthi ocwaningweni lwakhe uthole ukuthi abantu besifazane basezindaweni zasemakhaya balengela engozini enkulu yokuhlukunyezwa ngokobulili, okuthi uma sebehlukumezekile futhi kuba nezimo ezenza ukuthi kube lula ukuthi bengakutholi ubulungiswa ezigamekweni zokubi okusuke kubehlele.

Uthe yingakho ebheka ngeso elibanzi ukuthi abaholi bomphakathi lapho laba bantu besifazane behleli khona yikuphi abangakwenza uma benikwa ithuba lokungenelela, kulandelwa isigatshana somthetho u-Section 5(2) we-Deomestic Violence Act. 

Ubonge owakwakhe nezingane zabo eziyisithupha ngokumeseka njalo ohambweni lwakhe lwalolu cwaningo obelungelula neze.