Iginqike yalala ngohlangothi imoto ebihamba ingane ishayise emfana
Image: SAPS
Ingane oneminyaka engu-12 ubudala yebe imoto ekhaya kanti izodala umonakalo emgwaqweni ngoMgqibelo eBrakpan, eKurhuleni.
Kubikwa ukuthi le ngane ebishayela imoto yohlobo lweMazda ihlulekile wukuma ezimpambanweni zomgwaqo yashayisa umfana oneminyaka engu-14 ngaphambi kokuthi imoto iphaphalaze ishayise udinga lomuzi.
Isidumbu somfana soshayiswe yimoto ebihamba ingane
Image: SAPS
.Abezimo eziphuthumayo babike ukuthi umgilwa ushonele endaweni yesehlo selishonile endaweni yesigameko. Ingane, 12, inikezelwe emaphoyiseni aseBrakpan ihamba nomqaphi wayo.
Okhulumela uMkhandlu uZweli Dlamini unxuse abazali ukuthi baqaphele indlela ababeka ngayo okhiye bezimoto.
"Ingozi edabukisa kakhulu le, futhi sidlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi. Kusenjalo sidlulisa umlayezo obalulekile emiphakathini yethu: masiqinisekise ukuthi sigcina okhiye bezimoto bephephile, masiqinisekise ukuthi izingane azifinyeleli ezimotweni zethu ikakhulukazi lezi ezingaphansi kweminyaka yobudala yokushayela."
Isale ilimele imoto ebishayelwa yingane eshayise yabulala umfana ona-14
Image: SAPS