Simphiwe Ngubane
ABANTU abanezibhamu ezingekho emthethweni banikwe elinye ithuba likashwele uma beziletha eziteshini zamaphoyisa.
Ushwele uqale ngo-Agast 1 uyoze uphele ngoJanuwai 31 ngonyaka ozayo.
Lo shwele oyizinyanga eziyisithupha ulandela ophele ngoMeyi nonyaka owawuqale ngoDisemba nyakenye, lapho amaphoyisa aqoqa izibhamu ezingekho emthethweni ezingu-46 714. Amaphoyisa athi awukho ushwele ozonikwa okutholakala ukuthi isibhamu sakhe sisetshenziswe ukwenza ubugebengu.
Okhulumela amaphoyisa kazwelonke, uColonel Brenda Muridili, uthe bakholelwa ukuthi ziningi izibhamu ezingekho emthethweni ezikubantu.
Uthe bebezoqoqa inqwaba yezibhamu ngoshwele owedlule ukube akuphazamisanga ukubheduka kwegciwane iCorona.
“Imigomo kathaqa yesigaba sesihlanu nesesine ivimbe abantu bangakwazi ukuletha izibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni,” kusho uColonel Muridili.
Lokhu kwenze uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuli uGeneral Bheki Cele ukuba abhalele iPhalamende ecela ukuba kuvunyelwe omunye ushwele wezinyanga eziyisithupha.
“Sicela abantu balethe izibhamu ezingekho emthethweni, nalezo abangasazifuni noma bavuselele izitifiketi namalayisensi ezibhamu osekuphelelwe yisikhathi,” kusho uColonel Muridili.
Zonke izibhamu ezizoqoqwa zizohlolwa ukuthi azikaze zisetshenziswe ezenzweni zobugebengu ngaphambi kokuthi zicekelwe phansi.