OMASIPALA baKwaZulu-Natal bavezwe njengabahamba phambili ekusetshenzisweni budlabha kwemali nokukhishwa kwamathenda ngaphandle kokulandela imigudu.
Lokhu kuhlaluke embikweni woMncwaningi-Jikelele, uMnuz Kimi Makwetu, awethule izolo.
UMakwetu ukhiphe umbiko wakhe ka2016/17 mayelana nesimo somasipala lapho kuvele khona ukuthi isimo siya ngokuba sibi kakhulu eKZN kunokuthi sibengcono.
UMasipala weTheku, owaKwaDukuza noMzinyathi bavele njengahahamba phambili ekusetshenzisweni budedengu kwemali. Bobathathu kuvele ukuthi basebenzise uR1 billion ngendlela engafanele .
Kuwona iTheku lasebenzisa uR513 million. UR386 million wasebenza kwithenda yokwakhiwa kwezindlu zomxhaso.
UMakwetu uthe isifundazwe iKZN isebenzise uR7 billion budlabha.
“Omasipala abaningi bayaqhubeka nokusebenzisa budedengu uSection 36, obavumela ukuqasha inkampani ethile ngaphandle kokukhangisa umsebenzi,” kusho uMakwetu.
Uphinde waveza ukukhathazeka ngokuthi uMasipala waseMsunduzi uselokhu uhleli embikweni omubi.
“Iyasikhathaza indaba yaseMsunduzi osuke embikweni ongenagcobho kwisabelomali sika-2014/15, waya komubi kwisabelomali sika-2016/17,” kusho uMakwetu.
Uthe umkhandlu iKing Cetshwayo ibathusile usuka embikweni ohlanzekile iya komubi.
Uqhube wathi umbiko ngokusetshenziswa kwemali kuMasipala Inkosi Langalibalele ubungakaphothulwa ngoba umbiko wamabhuku akhona wafika sekwedlule isikhathi.
“Kumasipala abasha labo abahlanganisiwe i-Alfred Duma iyona esathole umbiko omubi kwathi iDkt Nkosazana Dlamini Zuma, iBig 5 Hlabisa bathola umbiko omuhle kodwa onezinto okumele zibhekwe. IRay Nkonyeni yona ithole umbiko omuhle.”
Uthe isizathu esidala ukuthi singalungi isimo komasipala baseKZN wukuthi izikhulu zabo azizange zizibheka izinto abathi aziziqaphele.
“IKZN iyaqhubeka nokushaya udaka kusukela ngo-2015/16,” kusho uMakwetu waxwayisa ngokuthi uma iziphathimandla zingashintshi ukwenza isifundazwe sizoqhubeka nokushona otweni.
Uveze ukuthi enye into emosha imali emikhandlwini ukusebenzisa abacwaningi bangaphandle.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, izolo ukhiphe isitatimende ethi sebeqhamuke nohlelo olubizwa nge-Operation Bounce Back abahlose ngalo ukulungisa isimo.
UNobhala-jikelele wenyunyana iSouth African Municipal Workers Union, uMnuz Simon Mathe, uthe bakhathazekile ngokwehla kwezinga lomasipala abenza kahle ezweni lonke.
Uthe bakhathazekile nangezinye izikhulu zomasipala ezisabisa abacwaningi mabhuku.
USihlalo kazwelonke we-IFP, uMnuz Blessed Gwala, uthe kumele bathathelwe izinyathelo bonke omasipala abangenzi kahle.