UKHALE ngokubhubhudlwa kwemali uma kukhishwa amathenda komasipala uMcwaningi mabhuku wakuleli ngesikhathi ekhipha umbiko mayelana nokusebenza kwezimali komasipala bakuleli.
UMnuz Kimi Makwetu uthe ukwengeza kulobu bubi obenzekayo, kwazitatimende zalabo masipala zigcina ezandleni zezikhohlakali, okuyinto eyenza kube nzima ukusheshe kubonakale ukuthi kunokungahanjiswa kahle ezimalini komasipala.
Uthe inkinga ayitholile ukuthi omasipala bathatha izitatimende zemali bazinikeze abantu abasebenzisana nabo, bese kuphoqa ukuthi abacwaningi mabhuku bangaphakathi komasipala, baxhumane nalaba bantu.
“Lokho kuwukubalekela umsebenzi ngoba uzothola ukuthi laba bantu abasebenzisana nomasipala, bayehluleka ukuphendula imibuzo ebuzwa abacwaningi mabhuku bangaphakathi komasipala ngelezi zitatimende zemali,” kukhalaza uMakwethu.
NgokukaMakwetu, omasipala abaningi imali bayisebenzisa budedengu ngokukhipha amathenda.
Omasipala abaningi baKwaZulu-Natal, uthe abanye abanenkinga yokusetshenziswa imali budedengu ngohlelo lwamathenda.
Kulesi sifundazwe, uthe umasipala wasoKhahlamba kuphela otholakale usebenzisa imali ngendlela efanele.
Ngaphandle kweKwaZulu-Natal, ubale iLimpopo, Eastern Cape neFree State njengezinye zezifundazwe ezinomasipala abasebenzise budedengu imali yomphakathi.
“Umasipala omkhulu i-OR Tambo ube nomthelela ongemuhle ekusetshenzisweni kwemali ethinta amanzi nenhlanzeko ngenxa yokusayina izinkontileka ezingekho emthethweni,” kusho uMakwetu.
Uthe bonke omasipla abakhulu e-Eastern Cape babe nenkinga yokulawula imali ngendlela efanele.
Mayelana nomasipla baseFree State, uthe kukhona abangakwazanga ukuhambisa izitatimende zemali esebenzile kubacwaningi mabhuku bangaphakathi komasipala.
“Iningi lalabo masipala lisenkingeni enkulu yemali eFree State,” kuchaza yena.
Ubale iGauteng, Western Cape njengomasipala abasakwazile ukusebenzisa imali ngendlela efanele.
“ELimpopo umasipala iCapricorn osahambisa kahle. Kwabanye omasipala ingqalasizinda yabo yashabalaliswa ukudliwa kwemali eyayifakwe eVBS Mutual Bank,” usho njalo.