KUYAQALA ngqa emlandweni wesizwe samaZulu ukuthi kukhothame uNdlunkulu ebe esesihlalweni sobukhosi, nokusho izinselelo eziningi kwabasele.
Ungoti wezesintu uDkt V.V.O Mkhize, uthi kuningi okuba baphathisa ngekhanda eNdlunkulu njengamanje ngoba ubeyibamba bukhosi, eyiNdlovukazi eyalotsholwa yisizwe futhi kwayena ubesazilele iSilo saMabandla esikhotheme ngeyedlule.
UMkhize uthe kusho ukuthi kumele nakanjani atshalwe njengeSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, osanda kukhothama.
" UNdlunkulu umama wesizwe, ukukhothama kwakhe kuyahlonishwa isizwe sizile, kubekwe namageja phansi kungangenwa ensimini kuze kuba uyatshalwa. Kodwa esikhathini samanje kuzoya ngeNdlunkulu ukuthi izothatha ziphi izinqumo njengoba ebesehleli esihlalweni esikhulu. Indlunkulu nayo ibhekene nalesi simo okokuqala ngqa emlandweni wobukhosi besizwe samaZulu, nokuzokwenza babhekane nezinkulu izinselelo," kusho uMkhize.
Eqhuba uthe uNdlunkulu uMantfombi i=ubewundlunkulu okhethekile njengoba alotsholwa yisizwe nokumenza ehluke kwabanye ondlunkulu esigodlweni. Ngokwesintu nguyena isizwe esilindele ukuthi asitholele neNkosi. Ngaphandle kwakho uthe ukhothama nje naye ubesemanzini kulandela ukukhothama kweSilo, nokungezinye zezinselelo ezizobhekana nendlunkulu ngoba kusamele kulungiswe ngokwesintu.
"Kunzima ukuphawula ngigxile ngezinto eziningi ezithinta indlunkulu kodwa kulokhu okwaziwayo njengokukhothama kweSilo bekusho ukuthi naye usazilile. Nakho lokho kusho ukuthi abendlunkulu basazobhekana nomsebenzi omkhulu. Ngokwesintu uma sekwenzeke kanje kuyaye kudinge ukuthi agezwe kuqala. Ngezinye zezinto ezenzeka okokuqala eziphonsela indlunkulu omkhulu umsebenzi," kuchaza uMkhize.
Ephetha uthe okulindelekile esizweni ngalesi sikhathi ukuthoba kuzilwe, kulandelwe nemgomo yendlunkulu nokuzoyilekelela kakhlu ngalesi sikhathi kwazise kukhona nemithetho elawula abantu ngeCovid -19.
Ilokhu ingene njalo imiyalezo yokuzwelana nendlunkulu yakaZulu, o ezinkundleni zokuxhumana kanti nabantu abahlukene nezikhulu zikahulumeni, sezidlulise amazwi enduduzo.