UMREPHA ophinde abe ngumethuli wezinhlelo uNomuzi ‘Moozlie’ Mabena usegcine ephumele obala wachaza ukuthi ‘ingozi’ abe kuyo ibiyisikhangiso sokuqwashisa abantu ngezingozi zokushayela uphuzile.
NgoLwesihlanu ezintatha abantu abangabalandeli baleli ciko abaningi bebekhathazekile ngesimo sakhe sempilo kulandela ‘ukunqamuleka’ kwevideo abeyiqopha bukhoma ekhasini lakhe ku-instagram kuzwakala futhi kubukeka engathi ube sengozini yemoto. Abantu bahlukane phakathi bezibuza beziphendula ukuthi kungabe kube yingozi yangempela noma isikhangiso esingaphansi kwe-Arrive Alive. Phakathi kwamaciko azwakalise ukukhathazeka kubalwa nomngani wakhe omkhulu umrepha uRouge ocele ukuthi asebeke bezwa ukuthi ukuphi bamthinte.
Ngemuva kokushiya abantu abaningi bekhathazekile, uNomuzi ugcine ephumele obala wachaza ngalesi sikhangiso.
“Ngisebenzisane nabakwa Volkswagen nabeDriveDry njengendlela yokwenza uguquko nonyaka. Asifuni ukuba nomunye unyaka okuzodlula kuwo izinkulungwane zabantu emgwaqeni ngenxa yabantu abashayela bephuzile,” kuchaza lo mrepha.
Abalandeli bakhe bebengezwa mshini bethi bakhombise ukungabi nazwelo ngokwenza isikhangiso esikholakala njengalesi.
Nanka amazwibela okushiwo abantu ngalesi sikhangiso:
No man fuck that,this some next level of trash people were genuinely worried about you,prayed for you even this was the most fucked up PR stunt EVER,next time something really happens to you people won't care nxa fokof Nomuzi https://t.co/kJQWAaljRB
— Didi 🥀 (@DimphoN_) January 11, 2019
How did that even get approved?? Are you telling me everyone that planned and watched before Nomuzi went live saw nothing wrong with it? EVERYONE??? Yho ha.a
— Mandy (@MandyHusk_) January 11, 2019
Disappointed as a human being and as someone who bought your album that you can pull stunts playing with dead.💔 you and your team could've came with a better version how to market this partnership not how did it... disappointed. #Nomuzi https://t.co/SYGL39ZdgB
— castiģo. (@BonganiMalate) January 11, 2019