SEKUVELE imininingwane emisha ecaleni lenkohlakalo elibhekene nowayeyimeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede osolwa ngokukhwabanisa imali yethenda yokuqoqwa kukadoti nezinye izikhulu namakhansela omkhandlu.
UGumede uvele enkantolo yemantshi yaseThekwini nabanye abasolwa ngoLwesithathu. Icala lihlehliselwe u-Ephreli 16.
Enkantolo abashushisi bazise imantshi ukuthi uma sekuqaliwe ukuqulwa kwecala bazokwethula inqwaba yobufakazi obuvela emiqulwini, izinkulumo zocingo eziqoshiwe kanye ne-data engaphezulu kuka-200 gig etholwe kuma-computer.
Phakathi kobufakazi obuqoqiwe, kuvela ukuthi imali ibisaqhubeka nokukhokhelwa ithenda lokuqoqa udoti nakuba isikhathi okwavunyelwana ngaso nomasipala sase sidlulile.
Abashushisi baveze ukuthi ngokobufakazi abanabo, kuno-R181 million okhokhwe ngumasipala, ngaphezu kukaR208 million obekusolwa ukuthi yiwona kuphela odliwe. Lokhu kuthatha isamba semali okusolwa ukuthi idliwe ngenkohlakalo yaleli thenda isibeke kuR389 million, okusolwa ukuthi yaphelela emaphaketheni kaNkk Gumede nasolwa nabo.
Okhulumela uPhiko lwezokuShushisa KwaZulu-Natal, uNatasha Kara wazise izintatheli ngoLwesithathu ukuthi kukhona abakuvuna ngokushaqa impahla yabasolwa nyakenye ngo-Okthoba kugasela oKlebe.
“Lokhu sekusinikeze igunya lokuqhubeka nophenyo,” kusho uKara othe abashushisi basadinga isikhathi ukucubungula kahle ubufakazi ngaphambi kokuqulwa kwecala.
OWAYEYIMEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede ekhuluma nabalandeli bakhe ngemuva kokuvela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini lapho ngamacala enkohlakalo ngoLwesithathu. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA)
UGumede ungaphandle ngebheyili kaR50 000. Waboshwa noMnuz Mondli Mthembu owayengusihlalo wekomiti lophiko lwezokuHlaliswa kwaBantu neNgqalasizinda kuMasipala weTheku. Kwaphinde kwaboshwa namakhansela amane, osonkontileka abathathu nezikhulu zikamasipala ngaleli cala.
Ephuma enkantolo uGumede uzwakalise ukuphoxeka ngokuhlehla kwecala ebalula ukuthi njengomuntu okwipolitiki, akukho kuhle ukuhlale ulandelwa yizinsolo zecala. Ukhulume nabalandeli bakhe, abafike enkantolo ngoLwesibili ebusuku, wabazisa ukuthi abashushisi abanabo ubufakazi nokuthi sekuyacaca ukuthi kunempi yezepolitiki ayilwayo kodwa konke kuzocaca nonyaka.