ABANTU abasha abangaziboni bethandana nabantu abanobulili obuhlukile kobabo basengcupheni yokuba nokhwantalala uma beqhathaniswa nabanye.
Intsha okukhulunywa ngayo iqalwa wukhwantalala ebuncaneni bayo njengoba iningi layo liba nokhwantalala lineminyaka esuka kwengu-10 kodwa kuthi uma sebefika eminyakeni engu-18 zinciphe izimpawu zalo.
Umbiko weThe Lancet Child & Adolescent Health Journal ukhombisa ukuthi abantu abasha abazithatha njengabantu abathandana nabantu bobulili obufana nobabo noma abathandana nabantu abawubilili obubodwa bese bephinde bethandana nabobulili obuhlukile bavamile ukuba nokhwantalala.
Abacwaningi bathe laba bantu abasha basuke benenkinga yokucwaswa abantu abasuke besondelene nabo ngesikhathi besakhula ngoba benezimpawu ezikhombisa ukuthi bathanda abantu abawubulili obubodwa.
Bathole ukuthi iningi labo ligcina lilimaza noma lenza izinto ezigcina zilihlukumezile. Umbiko wabo ubheke intsha engu-5000 eneminyaka ephakathi kuka-10 kuya ku-21.
Phambilini ucwaningo luveze ukuthi phakathi kuka-2001 kuya ku-2014 ziningi izingane ezineminyaka ephakathi kuka-10 no-19 ezelashelwe ukuzilimaza.
Imiphumela yalolo cwaningo ikhombisa ukuthi intsha ethanda abawubulili obufanayo isengozini yokhwantalala futhi isengozini enkulu yokuthi ingagcini ngokuba nalo kuphela kodwa iphinde ibe sengozini enkulu yokuzilimaza. Ngokombiko intsha kufanele igadwe ngaso sonke isikhathi ngoba le nkinga iqala kusukela ebuncaneni bayo.
UDkt Gemma Lewis wesikhungo semfundo ephakeme i-University College eLondon ongomunye wabacwaningi abebehamba phambili kulolu cwaningo lwamanje, uthe kuyakhathaza ukuthi intsha ethanda abawubulili obufana nobayo isahlukumezeka yize sekwenziwe lukhulu ukufundisa abantu ngokubaluleka kokwamukela zonke izinhlobo zabantu.
Uthe okunye okubuhlungu ngalokhu wukuthi kwenza intsha igcine inezinkinga ezithikameza umqondo noma isindala.
“Imiphumela esiyitholayo ikukhombisa ngokusobala ukuthi ukuhlukunyezwa kwabantu ngenxa yobulili babo nangenxa yokuthi bathanda abantu abawubulili obufana nobabo kuyabaphazamisa emqondweni. Kubalulekile nokuthi intsha sisondelane nayo nokuthi siyeseke,” kusho uDkt Lewis.
Abacwaningi bathe okunye okukhathazayo wukuthi selwenziwe ucwaningo olubheka ukuthi intsha kuyihlukumeza kangakanani ukucwaswa ngenxa yobulili bayo ikakhulu uma ithanda abantu abawubulili obufanayo kodwa alukho olubheka ukuthi kunamthelela muni ukuhlukumezeka kwayo uma isikhulile.
Bakhale ngokuthi ukuhlukumezeka kwentsha isencane kungaba nomthelela omubi ekukhuleni kwayo.
Kulolu cwaningo babheke intsha eneminyaka engu-10 kuya ku-21 bayibuza imibuzo ebheka isimo sayo sengqondo. Eminye yemibuzo ibibheka ukuthi bake bazama yini ukuzilimaza nesizathu sako. Baphinde babheka izimpawu zokhwantalala nezinye ezihlobene nalo.
Bathole ukuthi intsha ethanda abantu abawubulili obufanayo ibinezimpawu eziningi zokhwantalala futhi ibiqala ebuncaneni ukuba nazo uma iqhathaniswa nabathanda abantu abawubulili obuhlukile kunobayo. Baphinde bathola ukuthi lezi zimpawu ziya ngokwehla uma intsha isikhulile. Bathe basola ukuthi ukwehla kwazo kudalwa ukuthi intsha isuke isifunde ukuzimela noma isishintshe abangani.
Baveze ukuthi ukungabi bikho kwabantu abaningi abadumile abathandana nabantu abawubulili obufanayo kungaba nomthelela njengoba intsha igcina ingenabo abantu engabukela kubona.
UDkt Lewis uthe odokotela abelapha izifo ezithikameza umqondo kufanele bazi ngokubaluleka kokusiza abantu abathanda abantu abawubulili obufanayo ngezinhlelo zezempilo ezibafanele.
UDkt Rohan Borschmann wesikhungo socwaningo iMurdoch Children’s Research Institute, e-Australia uthe le miphumela ikhombisa ukuthi kufanele kuqiniswe izinhlelo zezempilo ezibhekele intsha. Uthe kubalulekile nokuthi kuliwe nokucwaswa kwabantu ngoba kuholela ekwandeni kwezinkinga zezempilo.
“Ukulwa nokucwaswa kungaba nomthelela ekutheni kuliwe nokusabalala kwezinkinga ezithikameza umqondo,” kusho uDkt Borschmann