PHEZU kokuba iNkantolo yoMthethosisekelo izolo igunyaze ukuthi isingasetshenziswa ngasese insangu, amaRasta akhathazekile ngokuthi kukhona abazoyibhema budlabha bayixube nezidakamizwa.
UMnuz Sandile ‘Shante’ Bekwa, ongomunye wezishoshovu zenkolo yamaRasta, uthe kade basho ukuthi akukho okubi ngokubhema insangu. Yize ethi amaRasta akaze afihle ngokuyibhema, wesaba ukuthi kukhona abazosithatha budedengu isinqumo senkantolo.
“Kithina kukhombisa ukunqoba ngoba kade sasifuna ukuthi insangu ibhenywe ngokukhululeka. Okubi ukuthi kukhona abazoyibhema ngokweqile kanti thina sinendlela esiyibhema ngayo. Vele insangu isabukwa ngeso elibi ngoba bekuthathwa ngokuthi iyisidakamizwa. Lesi sinqumo singenza umonakalo uma abantu bengafundisekile ngayo,” kusho uBekwa.
Uthe kubona insangu ifana nekhambi lesintu ngoba uyaziwa umsuka wayo e-Afrika futhi yelapha nezifo. Ukhala ngabayixuba nezidakamizwa bayibheme kakhulu bese behlulwa wukuziphatha.
“Akuphelele ukuphuma kwalesi sinqumo kodwa sekumele sifundise umphakathi ngensangu. Kumele ngabe yonke imizi inesihlahla sensangu ngoba yelapha izifo eziningi. Kumele sihlomule ngayo nasemnothweni ngoba isihlahla sensangu sikwazi nokukhiqiza ukotini. Bekuvele kungekuhle ukuthi usikilidi okuyiwona oyingozi ube semthethweni kodwa ikhambi lesintu kuthiwe aligunyaziwe,” kusho uBekwa.
UMnuz Nkululeko “Liberation’’ Nenzi uthe bekungadingeki nokuthi kuze kucelwe imvume yokusebenzisa insangu ngoba yikhambi lesintu. Ukhale ngasebeboshiwe ngenxa yensangu ekubeni bekuvele kungesona isidakamizwa.
ITraditional Healers Organisation for Africa isincomile isinqumo senkantolo. Le nhlangano ithe insangu yikhambi eladalwa uNkulunkulu ukwelapha umdlavuza nokhwantalala.
UDkt Portia Kheswa-Masinga uthe kusadingeka ucwaningo olunzulu ngokuthi kumele insangu isetshenziswe kanjani ekwelapheni. Uthe akucaci ngezikalo okumele zisetshenziswe emithini yokwelapha ngoba insangu ingaba yingozi iphambanise umqondo uma yeqiswa. Uveze ukuthi iyanconywa ngokuqeda ukuphalaza, ivula inhliziyo, isiza enkingeni yokungalali yelaphe nezinhlungu.
“Kwamanye amazwe isiyasetshenziswa ukwelapha lezi zifo kodwa kuleli odokotela abanalo kahle ucwaningo oluqondile. Kuhle ukuphasa kwalesi sinqumo kodwa kumele kubekwe imigomo yokulawula ukusetshenziswa kwensangu ekwelapheni,” kusho yena.
Okhulumela i-IFP, oyilungu lePhalamende, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, unxuse abantu ukuthi basihloniphe isinqumo senkantolo bangenzi okuphambene naso. Uthe bafisa ukuthi kusheshiswe nohlelo lokuthi insangu idayiswe ngoba iphethe umnotho futhi ingavula amathuba omsebenzi kwezamabhizinisi.
UHlengwa uthe kusukela ngo-2014 i-IFP yethula iMedical Innovation Bill eyavula ithuba lokuthi ngonyaka odlule lungene enkantolo udaba lokugunyazwa kwensangu.
UMnuz Rudy D Maritz, ongumeluleki kwezomthetho futhi oyisikhulu esiphezulu seCygma Group in South Africa, uthe izinkampani sekumele zibuyekeze imithetho. Uthe abaqashi sekumele bakhumbule ukuthi abasebenzi sebengayiphatha udede insangu ebiyaziwa njengesidakamizwa esingavunyelwe emsebenzini.
Ngesikhathi kuphuma isinqumo izolo amanye amaRasta ayibheme udede insangu ngaphandle kwenkantolo. UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ekhuluma nezitshudeni eNyuvesi yaseZululand, oNgoye, uthe lesi sinqumo sizoholela ekutheni izitshudeni zigcine sezidla izidakamizwa.
“Uma ijaji belibuza mina bengingeke ngiyivume le nto yensangu ngoba iholela ekutheni abafundi bagcine sebedla ezinye izidakamizwa,’’ kusho uCele.