ABAHOLI be-IFP Youth Brigade bayaveva ngokugxambukela kwabaholi abadala abazama ukudunga lolu phiko lwentsha yeqembu. Lokhu kulandela ukuputshuka kwephimbo eliqoshiwe lomunye umholi oqavile eqenjini enyundela umholi othwelwe ngeqoma njengoba kuyiwa engqungqutheleni yophiko lwentsha.
Abanye abaholi abakhulume neSolezwe bathe bakhathazekile ngendlela osekuhletshwe ngayo ngoDkt Andile Biyela, okuthiwa kuhlohlwa izinhlaka zentsha ukuba zingamkhethi.
Emhlanganweni obuseNdumeni wesiyingi abaholi bakhona bazwakalise intukuthelo ngomholi abathi uhola umkhankaso wokudicilela phansi abanye abaholi abathile balolu phiko ngoba efuna bangakhethwa ngoMgqibelo engqungqutheleni ezobe isoLundi.
Kule nkulumo eputshukile, neSolezwe elinayo, lo mholi osolwayo uzwakala emhlaba emhlikiza uBiyela emchaza njengomuntu ozofaka intsha ehlathini.
“Nkunzi ngizocela ukuyichaza le ndaba ka-Andile njengoba ubuyibuza ukuze uyifake egruphini yethu njengoba singama-Afrika. Uzokhumbula ngesikhathi ngiyokhuluma eMtuba kukhona uMkhuleko no-Andile. Wafika emhlanganweni wesigungu esiphezulu wangiqambela amanga wabhala incwadi efungelwe wathi mina ngithe uMntwana waKwaPhindangene ungundlovukayiphikiswa, ngathi iqembu selineminyaka engu-40 linezinkinga ngenxa yakhe. Kusukela lapho asiphindanga sakhulumisana. Muva nje sinomhlangano wamakhansela e-Ace Butchery siyadla njengama-Afrika, u-Andile wafika wasedlula negenge yakhe. Uyazi-ke u-Andile ngeke umhlukanise noMkhuleko. Kodwa ngokumhlaziya kwami akekho ngakithi ukuthi ufuna ukuba muhle yonke indawo. Thina-ke sisemzabalazweni hhayi indaba yokuthandwa yiwo wonke umuntu,” kusho izwi lalo mholi.
Uzanywe kaningi lo mholi ocingweni wangatholakala.
UBiyela ethintwa uthe uyizwile le nkulumo futhi waqinisekisa ukuthi izwi lomholi osolwayo.
UHlengwa osezibeka phansi izintambo kulolu phiko uthe nakuba ebengakayizwa inkulumo kodwa uxwayisa abaholi ukuba bahlukane nokudala uqhekeko kulolu phiko.
“Singakujabulela ukuba bonke abaholi bangenele kulolu phiko ngokuzosikhulisa nokweluleka intsha ngokwakhayo hhayi ngokuzodala uqhekeko. Ngicela kucace futhi ukuthi amagama abazophakanyiswa ukuhola lolu phiko ayovezwa engqungqutheleni ezoba khona ngoMgqibelo iphothulwe ngeSonto oLundi,” kusho uHlengwa.
Abaholi abagaqele ukukhethwa uBiyela, uMnuz Mthokozisi Nxumalo oseyilungu lePhalamende noMnuz Sthembiso kaShandu obeyisigagayi seFees Must Fall.
KwesikaNobhala uMnuz Mncedisi Maphisa oyiphini leMeya yaseBaqulusini noMnuz Mlungisi Mabaso oyikhansela eGoli.