Izindaba

OKlebe bashaqe abaholi bakamasipala besemhlanganweni

Sabelo Nsele|Published

OKlebe bashaqe abaholi bomasipala osenhla neKwaZulu-Natal Isithombe: Sigciniwe

Bashaqwe oKlebe besemhlanganweni wesigungu esiphezulu ngoLwesihlanu abaholi bakamasipala waKwaNongoma okuthiwa basolwa ngenkohlakalo ethinta amathenda.

Kuvelwa ukuthi kushaqwe imeya eyilungu leNFP, iphini layo le-EFF nosomlomo we-ANC.

La baholi amagama abo angeke adalulwe ngenxa yokuthi abakaveli enkantolo, baphenyelwa izenzo zenkohlakalo.

Kuthiwa basolwa ngokugwazelwa inkampani eyathola ithenda emkhandlwini.

Umasipala okuboshwe kuwo lezikhulu uphethwe ngokubambisana iNFP, ANC ne-EFF.

Akucaci ukuthi labaholi bathathelwe ukuyohlonywa ngemibuzo noma bazothweswa amacala ngokusemthethweni.

Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe ubengakezwa ngokushaqwa kwalezi zikhulu.

Umthombo obuKwaNongoma uthe abantu bebemi izixongololo ngaphandle kwamagceke omkhandlu behleba ngayo le ndaba yokuthathwa kwezikhulu.