OKLEBE KwaZulu-Natal basindise amadoda ayisithupha abebikwe ukuthi athunjiwe, abopha abasolwa ababili ngempelasonto.
Abasolwa abaneminyaka engu-33 nengu-41, kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu, ngoLwesibili.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe abasolwa baboshwe ngoMgqibelo eNewlands West.
“Abagilwa abayisithupha bahlengwe ngempumelelo eNewlands futhi uphenyo lwethu esilwenzayo luyaqhubeka,” kusho uMhlongo.
Uqhube wathi ngokolwazi abanalo bewoKlebe, ayikho imali ekhokhwe abagilwa kulabo abebekade bebathumbile ukuze bakhululwe.
Kubikwa ukuthi ithimba lamaphoyisa ezinhlaka ezehlukene nonogada bakaMagma Security and Investigations bebe yingxenye yokuboshwa kwabasolwa obekwenziwa oKlebe.
Kuthiwa abagilwa babekade kubikwe ukuthi bathunjiwe ngesonto eledlule, base beyogqunywa emzini thize oseNewlands West, eThekwini.
Kolunye udaba, ubuholi bamaphoyisa kuzwelonke buveze ukukhathazeka kwabo ngokubize ngokwanda kwezigameko ezibikwayo zokuthunjwa kwezakhamuzi, abantu abadumile nosomabhizinisi.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, izolo esePitoli, uthe nakuba isimo sinjena kodwa uyancomeka umsebenzi owenziwa amaphoyisa asekhaleni lempi yokuhlakaza lobu bugebengu.
UCele uveze ukuthi oKlebe sebebophe abasolwa abangu-62.
“Kukhona abasolwa abangu-55 ababoshelwe icala lokuthumba amaChina. Abanye abasolwa abahlanu baboshelwe icala lokuthumba abantu abadabuka ezweni iMozambique,” kusho uCele.