LIKHALELWE ngamasongo kaSigonyela kungakapheli mahora amangakanani kade liyingxenye yomhlangano wekomidi lezaseKhaya ePhalamende ilungu le-ANC ePhalamende uMnuz Bongani Bongo.
UBongo ungomunye wabasolwa abawu-11 okulindeleke ukuthi bavele enkantolo ngoLwesithathu ngamacala enkohlakalo.
Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba ngoLwesibili oKlebe bathe ababoshiwe basolwa ngokuthinteka kwinkohlakalo yokuthengwa komhlaba ngamanani akhushuliwe afinyelela kuR124 million.
Noma lingavelanga igama likaBongo kulesi sitatimende, umthombo osondelene nalolu daba ukuqinisekisile engxoxweni ne-Independent Media namhlanje ekuseni ukuthi uzoboshwa uBongo.
Okhulumela oKlebe uLt-Colonel Philani Nkwalase uthe ukuboshwa kwalaba kusuke kwisikhalazo ngomasipala waseMsukaligwa, eMpumalanga, owathenga ipulazi e-Ermelo alalibiza uR11 million kodwa lathengwa ngoR36.4 million ngo-2011 ukwakha ilokishi.
“Kwenzeka lokhu nje, umasipala unawo umhlaba owawungasetshenziselwa isizathu esifanayo,” kusho uNkwalase.
UNkwalase uthe kwahlanganiswa ithimba labaphenyi beSpecial Investigating Unit (SIU) nabophiko lwezokushushisa ukuphenya kabanzi ngalolu daba.
Uthe abaphenyi balekelelwa umuntu owaphumela obala ngokuthengwa kwamanye amapulazi. Kwavela ukuthi ngawo u-2011 lo masipala wathenga ipulazi elibiza uR44 million ngoR50 million eMalelane, waphinde wathenga isakhiwo esibiza uR16 million ngoR37.5 million Emalahleni.
“Esewonke amapulazi ayebiza uR70 million, kodwa ngenxa yokukhwabanisa okwenziwa abasolwa bebambisene uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu eMpumalanga walahlekelwa uR124 million,” kusho uNkwalase.
OKlebe baveze ukuthi imali ibuyele kubasolwa isishushumbiswa ngezinkampani ezinhlanu.