USWELE ngisho imali yokukhokhela ingane esikoleni owesifazane waseMzinto, okhwabaniselwe uR18 700 wesondlo sezintandane.
UNksz Nonhlanhla Cele waseMahlongwa, bekumele ahole okokuqala ngoDisemba njengoba ayilinda le mali kusukela ngo-2017.
Utshele Isolezwe ukuthi uholela ingane kadadewabo eneminyaka engu-17 efunda uGrade 12 eMzinto Secondary. “Ngaqala ukuhlala nengane kadadewethu ngo-2016 kodwa bengingakwazi ukuyiholela. Ngashonelwa yingane eyayihola imali yesondlo, ngathola ukuthi isavela emabhukwini akwaSassa (South Africa Social Security Agency), okubambezele ukuthi ngikwazi ukuhola eyezintandane."
Uthe wabhalisa ngoJuni 2017 imali yesondlo sezintandane, walinda isikhathi esibekiwe. NgoSepthemba wathola ukuthi uhlelo lokubhalisa seluphothuliwe, usezoyithola imali. Ngenxa yokulinda isikhathi eside watshelwa ukuthi uzothola neyezinye izinyanga abezilinde esabhalisiwe. Uveze ukuthi ngenxa yobuningi bemali watshelwa ukuthi kuzomele alinde iphasiswe emahhovisi amakhulu akwaSassa ngaphambi kokuthi akwazi ukuyihola. “Ngibone kuphela isikhathi eside ngingathintwa, ngaya emahhovisi akwaSassa izolo ngiyobheka. Ngithole ukuthi imali yakhishwa ngoNovemba 28 ekhadini laseposini elavulwa oThongathi. Okungixakayo ukuthi inombolo kamazisi esetshenzisiwe eyami kodwa mina bengingakabi nalo ngisho ikhadi lokuhola."
Uthe uyalelwe ukuthi avule icala, eposini watshelwa ukuthi bazolivala ikhadi ukuze ingabe isakwazi ukukhwabaniseka imali ngomholo olandelayo.
UNksz Cele uthe uphithene ikhanda ngoba uphila ngokudayisa, ubethembe le mali ukubhekana nezindleko zengane. Kumanje uthe akayikhokhele imali yesikole, wangazithenga nezinye izincwadi ezidingekayo.
Uthe uvule icala eMzinto kwathiwa idokodo lizodluliselwa eThekwini ngoba imali yakhishwa khona. Kushaye isikhathi sokuloba izolo ingatholakalanga imininingwane yokuvulwa kwecala.
Okhulumela abakwaSassa esifundazweni uMnuz Vusi Mahaye uthe yinye indlela yokulungisa lolu daba. Uthe bonke abaqoliwe kumele bavule icala kuphenywe. “Uma kutholakala ukuthi iphutha libe kithina siyayibuyisela imali. Kanjalo noma kuyiposi elibe nenkinga kumele liyibuyisele."
Isolezwe selibhale ngezigameko ezingaphezu kweziyisihlanu zabaqolwe imali yesondlo sezintandane kusukela ngoNovemba wonyaka odlule.