Izindaba

Oka-matric uhlabane ngesicoco sikanobuhle womhlaba

Charles Khuzwayo|Published

U-PEARL Mathebula ogile izimanga kuMiss Teen International obubanjelwe eLima, ePeru, ngeSonto

Image: FACEBOOK

UMFUNDI kaGrade 12 esikoleni iNorthern Academy, uPearl Mathebula, ugqugquzele intsha ukuba ivuke izithathe uma ingaphumeleli okokuqala emizamweni yayo. UPearl (17) wasendaweni yaseMakotopong, ePolokwane, ukhulume kanje emuva kokuklonyeliswa ngesicoco sika-2025 Miss Teen International eLima, ePeru, ngeSonto. Lesi singqazu siqumbe phansi intokazi yakuleliya lizwe, uLuciana Henriquez no-Ángela García waseVenezuela, ophume isithathu. Likhuluma kwiNewzroom Afrika le ntokazi, ithe bese ihluleke amahlandla amabili kulo mqhudelwano. Ithe ngo-2023, yaphuma endaweni yeshumi.

“Ngo-2023, kwase kuwumqhudelwano wesibili ngiwungenela. Angiphoxekanga neze ukuphuma endaweni yeshumi. Ngiyaziqhenya kakhulu (ngalokhu kuhlabana) ngoba kusho ukuthi ukusebenza kwami ngokuzikhandla kuthele izithelo ekugcineni kosuku."

UPearl uthe uqale ukuzibandakanya nokukhangisa ngengqephu esemncane kakhulu.

"Bengihlale ngigqoka amaqhoks kamama. Bengikuthanda ukuswenka nokuziphaqula ubuso. Yilapho ngabona khona ukuthi ngibizelwe ekubeni umkhangisi wengqephu. Umama wayelokhu ethi 'gxila emsebenzini wesikole, uyothi uma sewusesikoleni samabanga aphezulu, bese uqala ugxila ekukhangiseni ngengqephu," kusho uPearl. 

UPearl ugila lezi zimanga nje kulo mqhudelwano wonobuhle, akakaqedi neminyaka emihlanu ekulo mkhakha njengoba eqale ukungenela ngo-2022. Nyakenye, ukhale wemuka nesicoco sikaMiss Teenager South Africa.

IMeya yasePolokwane, uMnuz John Mpe, nezinye izikhulu zalo mkhandlu zihlanganyele nabantu bakulesi sifundazwe ukwamukela uPearl esikhumulweni sezindiza yaseGoli, i-OR Tambo International Airport izolo.