KUSHINTSHA ukwenza kogogo abadlala ibhola uma sebesenkundleni, kuzwakala umsindo wezandla, ikhwela, nokunye bebiza ibhola.
Abanye babizwa ngezibongo, abanye babizwa ngomama bosibanibani (kushiwo amagama ezingane zabo). Ngaphandle kwenkundla umqeqeshi usuke engazibekile phansi ememeza, ekhuthaza labo abona ukuthi sebeshiye izindawo zabo okumele ngabe bayazidlala.
Ogogo abadlala ibhola lezinyawo ukuze baphile kangcono bathi ibhola lehlisa ukhwantalala, lehlisa nokuvuvukala kwezitho zomzimba, kubuye kwehlise nesidingo sokuthi baphile ngamaphilisi.
Izolo, amaqembu ehlukene ebhola logogo baseThekwini abezwana amandla eCurries Fountain.
UNkk Mano Dladla odlala unombolo 5 kwiNtuzuma Mountain uthe waqala
ngo-2014 ukuzilolongela ibhola lezinyawo. Uthe ngaleso sikhathi wayelimele enensimbi onyaweni, efuna ukulwelula ukuze luphole ngokushesha.
UNkk Sonto Ngidi naye odlala kwiNtuzuma Mountain uthe wayehluleka ukumelana nobuhlungu bokushiywa umyeni wakhe, ehlale ezivalele endlini, ekhala. Kwafika uNkk Dladla wathi akaphume bashaywe umoya baya enkundleni wafica bezivocavoca, wajoyina, kuze kube manje
uyadlala.
UMARGARET CELE ongumsunguli weqembu logogo Imizamo FC uthe akasawazi amaphilisi ngoba usehlale engumqemane selokhe aqala ukudlala ibhola. Video: PHILI MJOLI
UMnuz Jabulani Zondo ongumdidiyeli wemidlalo yabantu abadala eCurries Fountain uthe inhloso yabo ukuthi abantu abadala badlale kabili ngenyanga ukuze imizimba yabo ihlale iphile kahle kodwa manje basakwazi ukuthi babadlalise kanye ngenyanga ngenxa yokuthi imali yokubaxhasa ukuze beze enkundleni ayenele. “Sinethemba lokuthi uma siqhukeka sizokwazi ukwenza uhlelo oluqondile lokuthi badlala kanjani, njengamanje siqinisekisa ukuthi wonke amaqembu ayaqhudelana.”
UNkk Ntombenhle Ndelu Mhlongo weKwaMakhutha Mama’s Keep Fit, uthe okubenza badlale ibhola ukuthi basuke befuna ukuhlangana nabanye baxoxe ngezinkinga zemindeni ezibakhathazayo.