LIGWETSHWE odilikajele ababili neminyaka engu-20 ngamacala okudlwengula ikhehla elineminyaka engu-62 elalizenza umfundisi ofunela abesifazane umsebenzi eThekwini.
Indodakazi kaDingindawo Jojisa ikhihle isililo inkantolo eNkulu yaseThekwini igweba uyise iminyaka ebhadla ejele ngokudlwengula abesifazane abathathu.
UJojisa kuvele ukuthi ubewufihlela umndeni ukuthi uboshelwe maphi amacala njengoba indodakazi yakhe esencane ivele yagijima yaya ebhokisini lofakazi ikhala, emuva kokuba egixabezwe ngeminyaka ebhadla ejele.
UJojisa kuthiwa unezingane eziyisishiyagalolunye nenkosikazi, ebingekho enkantolo egwetshwa.
Ujaji uSharmaine Bolton ligweba uJojisa lithe kumele abhadle ejele ngenxa yokulutha abesifazane esebenzisa inkosi.
“Ubufakazi buthi ubulutha abesifazane ngokubathembisa imisebenzi engcono. Ubuzenza inceku ukuze bakuthembe. Obaluthile bebekuthemba ngenxa yeminyaka yakho kanti uyimpisi embethe isikhumba semvu,” kusho uBolton.
Ngecala lokuqala lokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-30 ngo-2010 ugwetshwe udilikajele.
Ngelokudlwengula umfundi oneminyaka engu-29, ngo-2011 ugwetshwe iminyaka ewu-10. Ngecala lokumshaya ngenhloso yokumlimaza wanikwa emithathu.
Ugwetshwe izinyanga eziwu-12 ngecala lokweba u-R50 womfundi. Icala lokudlwengula owesifazane ona-34 ngo-2012 ugwetshwe udilikajele wagixabezwa ngeminyaka emithathu ngecala lokuzama ukumbulala. Lezi zigwebo uzozidonsa kanye kanye.
UJojisa kuvele ukuthi laba besifazane ubehlangana nabo endleleni abathembise umsebenzi. Ubebathatha aye nabo ngasemobeni e-Mount Edgecombe ethi ubayisa kubaqashi. Ubebamisa lapho kuze kube mnyama bese ebasabisa ngezikhali, ebafake emobeni. Ubebadlwengula ubusuku bonke bese ebadedela ngakusasa.
Ubufakazi bolibofuzo (DNA) obatholakala kumakhondomu atholakala endaweni yezigameko buholele ekutheni amataniswe namacala.