BAGWETSHWE odilikajele neminyaka engu-54 ababulali ababili abahlasela ehostela KwaMashu babulala abantu. NgoFebhuwari 7 nonyaka iNkantolo eNkulu yaseThekwini igwebe ababulali, uSfiso Gumede (29) noSizwe Mthiyane (34) odilikajele ababili umuntu ngamunye neminyaka engu-54 ngaphezulu.

Inkantolo ithe ibagixabeza ngeminyaka engu-30 ngecala lokuzama ukubulala, engu-15 ngecala lokubamba inkunzi, neminyaka eyisishiyagalolunye ngecala lokutholakala nezibhamu.

Ngo-Okthoba 2018 abesilisa babehlezi beyiqulu endaweni yokucima ukoma emgwaqweni uXolo khona ehostela, kwafika amadoda amane azenza abathengayo. Atshelwa ukuthi utshwala sebuphelile, akhipha izibhamu afuna ngodli imali namafoni kubantu ababehlezi endaweni yokucima ukoma.

Lawa madoda kuthiwa aphinda adubula abantu ababezihlalele.

Kwashona uMnuz Bongikosi Biyela (29) noMnuz Sibonelo Mbanjwa (33) kulesi sigameko. Abanye abane balimala baphuthinyiswa esibhedlela. Amaphoyisa aKwaMashu abe esevula icala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokubamba inkunzi. Imiphumela yokuhlolwa kwezibhamu yaveza ukuthi yizo ezasebenza kulesi sehlo.