UGWETSHWE odilikajele ababili neminyaka eng-20 ngaphezulu owesilisa waseMlaza olahlwe ngamacala okudlwengula abesifazane abathathu.
USiyabonga Patrick Cele (32) owayephume ngoshwele ngoSepthemba 2013 enecala lokubamba inkunzi ehlomile, ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi eThekwini izolo, ngemuva kokulahlwa amacala okudlwengula amathathu, elokushaya nokuthumba.
Ugwetshwe odilikajele ngamacala amabili okudlwengula, engu-10 ngecala lesithathu lokudlwengula, emibili ngokushaya neminye eyisishiyagalombili ngamacala amabili okudlwengula (ugwetshwe iminyaka emine icala ngalinye.)
Kuvele ukuthi uCele wadlwengula abesimame abathathu, omunye wabo wamdlwengulela esontweni.
Ummangali wokuqala (19) wathunjwa wadlengulwa ngesikhathi ezivocavoca emgwaqweni okuyilapho kuthiwa uCele wamdonsa khona, wamshaya, wamfaka esontweni ngenkani, wamkhumula wabe esemdlwengula.
Ummangali wesibili (23) wayehamba nomngani wakhe kanti kuzoqhamuka uCele, wabasongela ngokubabulala uma bengenzi le nto ayishoyo, umngani oyedwa waphunyuka wayocela usizo, omunye wasala wamdlwengula.
Ummangali wesithathu (14) wayezihambela wahlangana noCele owamfaka endlini yakhe ngenkani wamkhiphela ummese, wamdlwengula wabe esethi akazesule ngesikibha, wamphelezela eseya kubo.
IMantshi uKaren Moopenaar ithe isiqinisile isigwebo sakhe ngoba izinga lokuhlukunyezwa kwabantu besimame selikhuphuke kakhulu. “Inkantolo ayihambisani nokuhlukunyezwa kwezingane nabantu besimame njengoba selikhuphukile izinga lokubulawa kwabesifazane, le nkantolo iwathathathela phezulu amacala okuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane,” kusho iMantshi.
Ngesikhathi iMantshi igweba uCele ithe ibala nokuthi wayephume ngoshwele ngesikhathi ephula umthetho nokuthi abantu abadlwengula bahlukumezeke ngokomoya, ngokomzimba nangokomqondo.
“Kubalwa nokuthi abantu abadlwengulwa ababili bayafunda, baphazamisekile ezifundweni zabo, ummangali wesithathu wamshaya waba nemihuzuko emzimbeni, wamlimaza.”
IMantshi ithe okunye okwenza amacala abe mabi kakhulu ukuthi wayephume ngoshwele kanti namanje njengoba evele enkantolo akakhombisi ukuzisola nokuphatheka kabi ngalesi senzo sakho.
Ithe yize ummeli wakhe (uCele), * -Adv Phumelele Danisa, wathi ayikho indlela emile yokubona ukuthi umuntu uyazisola noma akazisoli kodwa uCele ubengakhombisi nhlobo ukuzisola.
IMantshi ithe uCele uzofakwa ohlwini lwabantu abangabadlwenguli kuleli. Kuthiwa ngeke aphinde avunyelwe ukuthi asebenze eduze kwezingane nabantu abangaphilile ngokomqondo. Uma efuna ukusebenza kulezi zindawo kuzomele afake isicelo enkantolo.