ABALANDELI bobeyimeya yeTheku uNkk Zandile Gumede bafuna ahoxiswe wonke amacala athweswe wona ababona ukuthi kuliwa ngawo izimpi zepolitiki.
Kusasa kulindeleke ukuthi uNkk Gumede avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngecala lokukhwabanisa nelenkohlakalo athinta ithenda kaR208 million yokuqoqwa kukadoti.
Okhulumela abeseka uNkk Gumede, uMnuz Mzomuhle Dube, uthe bafuna inkantolo iwahoxise wonke amacala athweswe uNkk Gumede ngoba abukho ubufakazi obubambekayo obumyamanisa nawo.
“Akukwazi ukuthi kuvele kwayinto eziqondanelayo ukuthi kususwe uNkk Gumede ekubeni wusihlalo wesiFunda (iTheku), esikhundleni sobumeya wase egixabezwa ngoxhaxha lwamacala. Akuvelanga kwaziqondanela nje, kukhona abathile abahlale phansi bahlela lokhu ngenhloso yokumcekela phansi kwezepolitiki. Akungasetshenziswa izinsiza zikahulumeni ukulwa izimpi zepolitiki,” kusho uDube.
Ngokohlelo olukhishwe ngabalandeli bakaNkk Gumede, namhlanje ngo-10 ebusuku kuzoba nomlindelo ngaphandle kwenkantolo.
UDube uthe izothanyelwa ngabeseka uNkk Gumede okukhona kubo amakhansela, abaholi be-ANC emagatsheni njengoba kwenzekile mhlazane egcina ukuvela enkantolo ngo-Agasti ngonyaka odlule.
“Sizohlala ngaphandle kwamasango enkantolo ubusuku bonke. Sovukela enkantolo ngoba sifuna iwachithe lawa macala angenasisekelo asungulwe ngabathile ngenhloso yokufeza izinhloso zabo zepolitiki.
UNkk Gumede ungaphandle ngebheyili kaR50 000. Waboshwa noMnuz Mondli Mthembu owayengusihlalo wekomiti lophiko lwezokuHlaliswa kwaBantu neNgqalasizinda kuMasipala weTheku. Kwaphinde kwaboshwa namakhansela amane, osonkontileka abathathu nezikhulu zikamasipala ngaleli cala.
Nyakenye i-ANC eKZN isuse uNkk Gumede esikhundleni sokuba wusihlalo we-ANC eThekwini yahlakaza nobuholi balesi sifunda. Yaphinde yasusa uNkk Gumede kwesobumeya ngemuva kokubekwa amacala abhekene nawo.
Njengamanje, uNkk Gumede uyiphini likamgqugquzeli wohlaka olwakhethwa ukuba luqhube umsebenzi wokuhola i-ANC eThekwini kuze kukhethwe ubuholi obusha engqungqutheleni usuku lwayo olungakamenyezelwa.