UKHUTHAZA abantu ukuthi bangalinge balilahle ithemba oqale impilo njengonogada kodwa manje osephenduke impunyela ehlonishwayo eMzimkhulu.
UMnuz Sibongeleni Dlamini (30) osebenze njengonogada kusukela ngo-2009 kuya-2015, usenoxhaxha lwamabhizinisi ahlukene, okubalwa kuwo izindawo zokuqashisa, amatekisi nokusiza abaculi ukuba baqophe umsebenzi wabo.
Uthe ubezisebenzela njengonogada ngesikhathi ehlangana nabantu abahlukene abebemkhuthaza ukuthi kumele aziqalele ibhizinisi lakhe ukuze azithuthukise.
“Nginezindawo zokuqashisa ezindaweni eziningi - eMzimkhulu, Mayville eThekwini naseRusternburg,” kusho uDlamini.
Uthe ngaphandle kwezindawo zokuqashisa uphinde abe namatekisi ahambela ezindaweni ezehlukene.
“Ngiphinde ngisize abaculi, ikakhulukazi bangakithi eMzimkhulu ukuthi baqophe umsebenzi wabo ukuze bathuthukise ikhono lamaciko angakithi,” kusho uDlamini.
Ukhuthaze abantu ngokuthi bangalinge balilahle ithemba ngoba abazi ukuthi uNkulunkulu usuke ebabekeleni.
“Ngiqale impilo ngingunogada, bengingazi ukuthi ngingagcina ngifike kuleli zinga engikulo njengamanje kodwa ngemikhuleko ngifikile,” kusho uDlamini.
UDlamini, ongene ebhizinisini ngo-2015, uthe akamile ngoba ziseningi izinto asafisa ukuzenza empilweni.
“Ngihlela ukuthenga izindawo ezehlukene lapho ngizokwakha khona izindawo zokuqashisa. Ngaphandle kwalokho ngihlela nokuvula izindawo zokuwasha izingubo ngasekhaya eMzimkhulu,” kusho uDlamini.
Uthe uhlela nokwakha amahhovisi kanokusho eMzimkhulu azoqashisa ngawo.
UDlamini unxuse osomabhizinisi ukuthi babuyisele emuva emphakathini ngoba iyona into eyenza amabhizinisi abo achume.
“Kubalulekile ukuthi singosomabhizinisi sizihlanganise nezinhlelo zomphakathi sifake igxalaba uma kunesidingo ngoba yiwoma umphakathi owenza amabhizinisi ethu asimame,” kusho uDlamini.