SIMPHIWE NGUBANE noSABELO NSELE
ISILO samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu sinxuse abantu ukuba bangezi emngcwabeni wezinyane laso, uMntwana uLethukuthula Zulu, elitshalwa namhlanje.
Lokhu kubangelwa wukuthi iNdlunkulu ilandela imigomo yomvalelandlini.
Izinyane lizotshalwa esigodlweni KwaKhethomthandayo esihlala unina, uNdlunkulu uSibongile uMaDlamini.
IMbube ibonge isizwe ngamazwi enduduzo nokukhalisana nayo ngokulahlekelwa yizinyane layo.
Khonamanjalo, ukunqanda ukubhebhetheka kweCorona kuhlelwe izindawo ezehlukene abantu abangazibonela bukhoma umngcwabo wephini likasomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Mluleki Ndobe, kobhazabhaza bamathelevishini.
UNdobe, oshone ngeledlule, uzongcwatshwa kusasa eMzimkhulu, eKokshill. Uzohlonishwa ngomgcwabo kahulumeni osesigabeni sesibili.
USomlomo wesiShayamthetho KwaZulu-Natal, uNksz Nontembeko Boyce, unxuse abantu ukuthi bangayi kwaNdobe ngoba kunesibalo sabantu esivumeleke emngcwabeni.
“Sizofaka obhazabhaza bamathelevishini eBhongweni Youth Centre, eKokstad, kube yiseSayidi TVET College, eMzimkhulu, kube yiseBulwer Hall kumasipala iNkosazana Dlamini-Zuma, kube iseHlabeni Methodist Church naseKoki Hall. Umngcwabo uzosakazwa bukhoma eziteshini zomphakathi ezehlukene nasezinkundleni zokuxhumana zesiShayamthetho nezomasipala iHarry Gwala, iNkosazana Dlamini Zuma, Ubuhlebezwe neGreater Kokstad.”
Uthe ezokuphepha zizobe ziqinisiwe emngcwabeni ukwenza isiqiniseko sokuthi akubi khona ukuphazamiseka futhi nemigomo yokunqanda ukubhebhetheka kweCorona iyalandelwa.
Ubonge amazwi enduduzo athe alokhu engene njalo.