UHULUMENI waKwaZulu-Natal usuyalele abasebenzi bakahulumeni nabafundi ukuthi bangayi esikoleni nasemisebenzini uma imvula iqhubeka nokuyidliva namuhla.
UMqondisi jikelele, Dkt Nonhlanhla Mkhize, ukhiphe incwadi eyalela abasebenzi ukuba bagoduke ngaphambi kwesikhathi izolo nokuthi bangayi emsebenzini namuhla ukuze baphephise impilo yabo.
Lokhu ukwenze emuva komyalelo kaNdunankuklu, uMnuz Sihle Zikalala, naye oxwayiswe abesimo sezulu ngemvula enkulu ehambisana nemibani nomoya onamandla.
Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe bahlanu abantu abafe ezehlakalweni ezihlanganisa imvula kuleli sonto.
Esithangamini bekuzokwethulwa umbiko ngomonakalo odalwe yimvula, izinhlelo zikahulumeni bese kwethulwa nesikhungo esibhekelele inhlekelele saseThekwini okuyisona esizosetshenziswa yisifundazwe sonke.
UHlomuka uthe uhulumeni wesifundazwe nokazwelonke bayaxoxa ukubheka ukuthi ngeke yini zathathwa njengezindawo ezinenhlekelele izindawo ezehlukene ezihlukunyezwe yimvula.
Indawo yaseMpolweni, ngaseMgungundlovu, ihlaselwe yisishingishane ngoLwesibili ntambama kwafa abantu ababili, kwadilika izindlu kwasiphuka nezihlahla.
“Sinxusa abantu ukuthi bahlale ezindlini ngoba ukuyaluza kwabo kungabeka impilo yabo engcupheni. Kulindelwe imvula enkulu ngakho asifuni ukubona ingozi,” kusho uHlomuka.
Uthe nakuba imvula idala umonakalo kuzo zonke izingxenye zesifundazwe kodwa eThekwini, Ugu, Uthukela naseMkhanyakude ishaya kuzwele kakhulu.
Uthe kusukela ngo-Okthoba 25 bawu-16 abantu asebeshonile ngenxa yezingozi ezidalwa yisimo sezulu.
UHlomuka uthe abantu bangashayela inombolo yezimo eziphuthamyo * -10 177 ukubika ngomonakalo wesimo sezulu.
“Siyayemukela imvula ngoba amadamu ethu abesehlile engaphansi kuka-50%. Kodwa kubi uma isiletha izikhukhula nemibani egcina ngokuthatha imphefumulo yabantu,” kusho uHlomuka.
Uthe bami ngomumo abezimo ezibhekele izinhlekelele kubo bonke omasipala besifundazwe abawu-54.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe limi ngomumo ithimba elibheke izinhlekele elisebenzisana nabomthetho ukubhekana nesimo sezulu esingesihle.
UKaunda uthe ziwu-11 izindawo eziyingozi eThekwini ezivame ukuthinteka kanzima uma izulu lina, wanxusa abantu ukuthi bahlale beqaphile ngaso sonke isikhathi. Phakathi kwazo kukhona iMaoti, Clermont, Quarry Height, Tshelimnyama, Bhambayi, Isiphingo nezinye.
“Sinxusa abantu ukuthi bapheze ukulahla udoti noma yikuphi ngoba uma sekuna izulu udoti uyakhukhuleka uyovala amapayipi nemigudu ehambisa amanzi agcina esesakazeka yonke indawo. Nabantu abakha isihlabathi emfuleni abawuyeke lo mkhuba ngoba imifula iyavuleka ibe mikhulu kuthi uma izulu selina kumuke abantu nemizi yabo eseduze komfula,” kusho uKaunda.
Uthe abantu abapheze ukuwela imifula nokushayela uma izulu lina.
Khonamanjalo, uKaunda uthe ematendeni sekusele abantu abangu-300 kuphela kwabangu 1 800 kwababekhahlanyezwe izikhukhula eThekwini ngo-Ephreli.
Uthe uma kutholakala izinsiza kusebenza ngokushesha, kungekudala abantu abahlaliswe ematendeni bazosizakala.
Khonamanjalo, lishone elayizolo singakatholakali isidumbu somfana (14) ominze emfuleni iNonoti eDarnall, ngakwaDukuza. Umfana uminze ezama ukusindisa omunye afunda naye ngoLwesibili ntambama.
Abatakuli babheke indawo engamakhilomitha amabili kusukela lapho aminza khona kodwa labuya lilambatha.
Abatakuli bayeke ukumthungatha ngenxa yesimo sezulu ebelingelihle. Bazoqhubeka namuhla.