UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uxwayise uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuthi uzokwenza impilo yakhe ibe nzima ePhalamende uma evikela uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan.
UMalema utshele uRamaphosa ngesikhathi kwethulwa isabelomali sehhovisi likamengameli ukuthi uma engazilandeli izincomo zoMvikeli woMphakathi, u-Adv Busisiwe Mkhwebane, uzothwala kanzima.
Uthe uRamaphosa kumele ngabe umthathela izinyathelo uGordhan kodwa unquma ukuthi amvikele aze ahambisane naye enkantolo.
UMalema uthe ukuba uGordhan uyamhlonipha uRamaphosa ubezokwenza lokhu okwenziwa yiPhini likaMengameli, uMnuz David Mabuza ngemuva kokhetho.
UMabuza wakuhlehlisa ukufungiswa kwakhe ngoba efuna ukuqale ageze igama lakhe kwikhomishini ebheka ukuziphatha kwamalungu kaKhongolose.
UMalema uthe uRamaphosa ubezokwazi ukuqoka uGordhan noma yinini uma esegeze igama lakhe.
“Uze wamjoyina uGordhan njengoba kade ezama ukuphikisa izincomo zoMvikeli woMphakathi ngoba uzama ukumvikela,” kusho uMalema.