UMMELI wenhlangano yamalungelo abantu ezimele, i-Afri Forum, u-Adv Gerrie Nel uthi uzophexeka uma engavelanga ungqongqondo owaqhamuka neqhinga lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa.
Ngenyanga edlule uNel wasala ekhexile kuvela abasolwa abahlanu abasolwa ngokuthinteka ekubulaweni kukaMeyiwa kuvela ukuthi bazobhekana necala lokubulala, elokuzuma ukubulala kanye nelokubamba inkunzi. Ngaphambi kokuthi bavele laba basolwa, okungoMuzikawukhulelwa Stembu Sibiya (34), Bongani Sandiso Ntanzi (30), Mthobisi Prince Mncube (36), Mthokoziseni Ziphozonke Maphisa (35) noSifokuhle Sifiso Nkani Ntuli (34), uNel wayeveze ukuthi kwakuhleliwe ukubulawa kukaMeyiwa.
Kwakulindeleke ukuthi abasolwa babhekane necala lokubulala ngenhloso, kanti ngaphezu kwalokho uNel wayethe ulindele nokuthi amaphoyisa abophe ungqondongqondo kuleli cala. Bonke abasolwa baqoka ukungazifaki izicelo zebheyili ngesikhathi bevela okokuqala.
Ekhuluma ngaphambi kokuvela kwabasolwa ngoLwesihlanu uNel uthe usekujahe ngabomvu ukubona okuzokwenziwa abeshushisi namhlanje.
“Engingakusho ukuthi ngikhulumile namaphoyisa kuleli sonto...kunobufakazi obuqinile obuthinta ungqondongqondo, futhi ngiyakholwa ukuthi uzovela namhlanje. Uma engaveli namhlanje, nginesiqiniseko sokuthi udaba luzohlehliswa ukuze ezovela nabanye abasolwa,” kusho uNel ekhuluma ne-NewzRoom Afrika ngoLwesihlanu ekuseni.
UNel uqhube waveza ukuthi abaphenyi bajabule ngobufakazi abakuqukethe kuleli cala.