UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe uzimisele ukuyofakaza kwikhomishini ebheka indaba yokulawulwa kombuso yidlanzana.
URamaphosa uthe akanankinga nokuvela ngaphambi kwale khomishini kaJaji Raymond Zondo.
“Njengoba ngangishilo phambilini, namanje ngizimisele ukuthi ngiyovela kule khomishini ngiyothula ubufakazi. Ngizimisele ukukwenza lokhu noma yinini,” kusho uRamaphosa.
Ukusho lokhu izolo ephendula ePhalamende ngemuva kwesabelo sezimali asethule kuleli sonto.
Uthe noma yimuphi uNgqongqoshe kubalwa nowezamaBhizinisi kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan, uma kunesidingo kumele bavele enkantolo.
“Noma ngubani kubalwa nami njengoMengameli asikho ngaphezu komthetho. Noma imuphi ungqongqoshe uma kumele avele enkantolo ngizobe ngibagqugquzela ukuthi baye bayophendula kubalwa naye uGordhan,” kusho uRamaphosa.
Uthe uyamazi uGordhan njengomuntu owusebenzele umphakathi njengoba enamava, wathi wamfaka esikhundleni esidinga ukuthi asebenze ngokuzimisela.
Ucele ukuthi njengoba kunodaba olusenkantolo oluthinta uGordhan, anikwe ithuba kuze kuphothulwe lolu hlelo lwasenkantolo.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba izolo eKapa, umholi we-EFF uMnuz Julius Malema, uthe abanendaba nalabo abafuna ukuvikela uGordhan.
Uthe bafuna ukumvikela ngoba befuna ukudicilela phansi isithunzi sehhovisi lomvikeli womphakathi eliholwa ngu-Advocate Busisiwe Mkhwebane.
I-SACP izoba nerali ngeSonto lapho izobe ithi ivikela inkululeko.
“Asiyisabi iSACP, kanjalo nalabo abaseka uPravin. Sizoqhubeka silwele ukuthi kuvikelwe ihhovisi loMvikeli woMphakathi.
"Sameseka uGordhan bemhlasela kodwa wawungekho umbiko kaMvikeli woMphakathi ngaleso sikhathi ngakho akekho ngaphezu komthetho,” kusho uMalema.
Namhlanje obenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma kulindeleke ukuthi abuyele kule khomishini kaZondo azoqhubeka athule ubufakazi.
UZuma kuleli sonto uqale ukuthula ubufakazi kodwa abameli bakhe bacela ukuthi anikwe ithuba lokuthi ayocabanga ukuthi uyafuna yini ukuhlonywa ngemibuzo.
Uqale ukuvela kule khomishini ngoMsombuluko kodwa izolo akazange avele ngenxa yokuthi ubesacabanga ukuthi avume ukuphonsa imibuzo njengoba kuqhubeka le khomishini.
URamaphosa uthe kujutshwe amasosha ukuze kuliwe nobugebengu eKapa esebenzisana namaphoyisa.
“Amasosha azosebenza namaphoyisa ukuze kuliwe nobugebengu. Amasosha akhona akuwona awobandlululo, ayengena emalokishini adubule intsha,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa unxuse ukuthi ongqongqoshe namaphini abo abasha banikwe ithuba lokusebenza.
Ugxeke ukubulawa kwabalimi nabasebenza emapulazini.
“Ngiyakugxeka ukubulawa kwabalimi kanjalo nabasebenza emapulazini.
"Ngizoqhubeka ngigxeke lezi zehlakalo uma zenzeka.”
Uthe imali eningi iya kwezemfundo, kwezempilo, ekukhokhweni kwezimpesheni nezinye izinhlelo zokuthuthukisa umphakathi.