UVEZE ukuthi uyazi usezibangele isigcwagcwa osolwa ngokuphazamisa ukumenyezelwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini.
UMntwana uThokozani Zulu, ubhoboke okokuqala ngesiphithiphithi esasuka emva kokuthi esukume wacela ukubuza okuthile emhlanganweni okwafundwa kuwo incwadi yefa eyashiywa iNdlovukazi Shiyiwe Mantfombi Dlamini-Zulu, neqoka iSilo esisha.
Kulo mhlangano owawungoMgqibelo ebusuku, kwaphoqa ukuthi onogada basibalekise iSilo njengoba kwase kusuke isiphithiphithi, kujikijelwana ngamazwi.
Kulesigameko, uMntwana uThokozani wahilizisana nondunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, owayelokhu ethi, “Musa ukuganga wena, hlala phansi Thokozani”.
Ekhuluma neSolezwe, uMntwana uThokozani, uthe lesigameko sililimazile kakhulu igama lakhe emphakathini.
Uthe ngisho nomndeni wakhe uphazamisekile ngenxa yezinto ezikhulunywa ngaye.
Kepha uthe asikafiki isikhathi sokuthi ageqe amagula ngokuqhubeka endlunkulu, wathembisa ukuthi uzobiza isithangami nabezindaba maduze lapho ezophendula yonke imibuzo.
“Esikhathini samanje endlunkulu, esizweni sikaZulu, akekho umuntu ofisa ukuthi aphumele esidlangaleni, ayoveza olwakhe uvo.
“Ngiyazi ukuthi nginuka phu lapha ngaphandle kepha angizukuvumela imizwa ingilawule. Ngiyokhuluma ngesikhathi esifanele uma sekuvume uMvelinqangi nethongo ngoba zonke izinto zenzeka emfihlakalweni.”
UMntwana uThokozani uthe njengamanje usekwamukele ukuthi igama lakhe linaphazwe, kepha wathi uzoziphendulela maduze.
“Esikhathini samanje ngikwamukele ukuthi ngibe umata, ngigxotshwe ngezinyawo. Nomndeni wami sengiwunxusile ukuthi ubekezele kuze kufike leso sikhathi esibekwe uMvelinqangi nethongo. Asikude, sesiseduze.”
Ngaphandle kokuzalwa endlunkulu, uMntwana uThokozani uphinde aziwe ngokuba yisishoshovu sezepolitiki.
Uke waba usomlomo kuMasipala wesifunda iLembe kanti wabuye waba usihlalo we-ANC kwisifunda iGeneral Gizenga Mpanza.
UMntwana uThokozani ungomunye wabantwana basendlunkulu abajikijelana ngamazwi noButhelezi ngaphambi kokuthi kuqokwe iSilo esisha.
Ngesonto elidlule uButhelezi washiya angalazi kuThokozani, uMntwana uMbonisi noMtwana uThembi Ndlovu ebasola ngokubamba imihlangano engekho emthethweni.
Lokhu kweza emva kokuthi abantwana bebe nesithangami nabezindaba, lapho basola khona uButhelezi ngokuba indlovukayiphikiswa.
NgeSonto uButhelezi waveza ukuthi abantwana uMbonisi noThembi, sebezwakalise ukuseseka iSilo esisha.