UNINA wowayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, usedalule ukuthi uyamesaba uKelly Khumalo kulandela izindaba zokuboshwa kwabahlanu abasolwa ngokuthinteka ekubulaweni kwendodana yakhe ngo-2014.
Engxoxweni nesiteshi sezindaba, iNezwroom Afrika izolo ebusuku, uNkk Ntombifuthi Meyiwa ucele indodana yakhe ukuthi ikhulume idalule iqiniso ngokuthi ubani owayibulala.
“Baba kaSenzo hlangana noSenzo namhlanje, mndeni wakwaMeyiwa kaNomndayi kaSingila hlanganani namhlanje amaqiniso ahlale obala, sikhathele, sidiniwe abantu bedlala ngathi ngoba nakhu singenamali. Imali ibhadlile laphaya ingane kaSenzo abayazi nokuthi ifunda ngani esikoleni,” kukhala uNkk Meyiwa.
Ebuzwa ngobudlelwane bakhe noKelly Khumalo uthe uyayithanda ingane yakhe noSenzo kodwa uyamesaba uKelly.
“Asikaze sithintane noKelly nengane yakhe. Siyafisa ukuthintana nengane yakhe kodwa siyasaba...lo ongalikhulumi iqiniso ukuthi ingane yami yashonaphi. Ingane siyayithanda, siyayithanda ingane kaSenzo. USenzo uyazithanda izingane zakhe kodwa nje ngiyamesaba uKelly, ngiyamesaba mina. Ngimesaba ngempela,” usho kanje.
UNkk Meyiwa kule ngxoxo ukubize ngamampunge ukuthi kunesibhamu esitholiwe muva nje esasetshenziswa ukubulala uSenzo obekubikwa nokuthi owasisebenzisa usejele udonsa esinye isigwebo.
“...basukela umuntu wabantu bayomthatha ngaphakathi ejele bazomkhulumisa into engeyona, bazomqambisa amanga bathi uyena obulale uSenzo ngoba vele eseboshiwe esegwetshiwe, kwathiwa nesibhamu sesitholakele. Ayikho leyonto, akekho umuntu osejele owabulala uSenzo. Abantu ababesendlini abakhulume iqiniso ukuthi kwenzekani ngengane yami,” usho kanje.
USenzo wabulawa ngo-Okthoba 26, eVosloorus, eKurhuleni, ngo-Okthoba 26 ngo-2014 kubo kwaKelly.
Kubantu ababekhona endlini ngosuku okwafa ngalo uMeyiwa kubalwa uKelly, udadewabo uZandi Khumalo, unina uNtombi, uLongwe Twala, abangani baMeyiwa uMthokozisi Thwala noTumelo Madlala kanye nezingane zikaKelly uThingo noChristian.
NgoMsombuluko amaphoyisa aveze ukuthi kubasolwa abahlanu ababoshiwe, ababili babekhona endlini ngesikhathi kudutshulwa uSenzo. Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele namhlanje enkantolo yeMantshi eBoksburg. UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele uthe kusangenzeka kuboshwe abanye.
Izolo ntambama inhlangano ezimele elwela amalungelo abantu futhi enethimba labaphenyi bameli abazimele, i-AfriForum, idalule ukuthi kwakuhleliwe ukubulawa kukaMeyiwa.
U-Advocate Gerrie Nel uthe ngokobufakazi obukhona kubacacelile ukuthi kwahlelwa ukubulawa kwakhe.
“Siyavumelana (namaphoyisa) ukuthi ngemuva kokubhekisisa bonke ubfakazi obukhona, ukuthi kwakuhleliwe ukubulawa kwakhe. Sizosebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi uyaboshwa nongqondongqondo wecebo lokubulawa kwakhe,” kusho uNel.