OWAYENGU-SIHLALO we-South African Airways (SAA) uNkk Dudu Myeni uthi icala abhekene nalo linenhlese yezepolitiki.
Engxoxweni abe nayo ne-Independent Media ngoLwesibili, uMyeni uthi yize icala lakhe liqulwa enkantolo, kuyamkhathaza ukubona ukuthi kukhona abasezithendeni zakhe.
UMyeni ubephendula emuva kokungaveli enkantolo eNkulu ePitoli njengoba izinhlangano i-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa) neSAA Pilots’ Association (SAAPA) zifuna inkantolo imphuce ilungelo lokuthi abe ngumqondisi wezinye izinkampani.
Ephendula, uMyeni ucacise ukuthi isizathu sokuhlushwa kwakhe yingoba usondelene kakhulu naloyo owayengumongameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
“Lento imayelana nepolitiki. Isizathu okuyisona esenza ngilandelwe yingoba ngiwuSihlalo weJacob Zuma Foundation. Ngisola ukuthi ngihlaselwa ngoba ngisondelene kakhulu nomengameli uZuma," kuchaza yena.
Enkulumweni ebibhekiswe kwiSAA, uMyeni uthe ukwenza kwalenhlangano kuyasolisa njengoba efuna ukukhokhelwa izindleko zasenkantolo njengomshwayelense onikezwa abaqondisi balenkampani.
UMyeni usole iSAA ngokukhokhela izindleko zikaMnuz Khaya Nqula owayeyisikhulu esiphezulu kulenkampani ngenkathi eshiya kunezinkinga kwiSAA ngo-2009.
“UKhaya Nqula wayenecala futhi iSAA yakhokhela izindleko, bayanqaba ukukhokhela ezami izindleko. Ngobani?” kubuza uMyeni.
UMyeni uqhube wathi wabika inkohlakalo ekhona kwiSAA ekomitini elisePhalamende iSCOPA.
“Bengizolindela ukuba kubizwe bonke oSihlalo baphambilini ngoba kuneminyaka eminingi kumosheka izimali. Kungani bengabizi wonke amabhodi aphambilini, ongqongqoshe kanye nezikhulu eziphezulu? Lolu daba seluphambi kwejaji, yingakho ngingafuni ukukhuluma kakhulu. Kodwa ngayibika inkohlakalo yaseSAA kwiSCOPA. Nginezinsolo zokuthi kungani befuna ukungibeka icala,” kuchaza uMyeni.