SEKUVELE ukuthi wafona cishe izikhawu ezilishumi ethinta abantu abahluka hlukene uThabani Mzolo, ongumsolwa ecaleni lokubulawa kwesitshudeni saseMUT, uZolile Khumalo. Kuvele ukuthi uMzolo wayengazi ukuthi ucingo lwakhe luyaziqopha zonke izinkulumo zakhe Ekhuluma nomunye ayemthintile, uzwakala emchazela ngokwamenza wadubula uZolile; “Ngidubule uZo ngoba ubengidelela.”
UMzolo (23) usolwa ngokubulala uZolile (21) ebhilidini okuhlala kulo izitshudeni zaseMangosuthu University of Technology (MUT) edolobheni eThekwini.
Umshushisi u-Advocate Nadira Moosa kuleli sonto uvezele inkantolo ubufakazi bokuthi uMzolo wathinta owesilisa obizwa ngoNtobeko, owamyalela ukuthi akaphume ebhilidini. UMzolo waphendula wathi ayikho indlela angaphuma ngayo, waboshwa kungakapheli isikhathi esingakanani kubulewe uZolile.
NgoLwesine ummeli omusha kaMzolo, uMnuz Bonokwakhe Dlamini ubepheka ngemibuzo uMnuz Simiso Buthelezi, ongomunye wofakazi kuleli cala. Ubuze ukuthi wayengawazisi ngani amaphoyisa ngezinye izingcingo ezashaywa nguMzolo.
UButhelezi uthe wamazisa umuntu owayethatha isitatimende sakhe ukuthi kunezinye izingcingo ezishaywe nguMzolo kodwa wayengazi wayethini kuzo.
Uthe waphuma egumbini ababekulo isikhashana, waphinde wacelwa uMzolo ukuthi aqaphe ukuthi akungeni muntu emnyango. Ngesikhathi kufika amaphoyisa, uthe wahlangana nawo esangena, wawazisa ngesigameko ngaphambi kokuthi uMzobe azinikele kuwo.
UDlamini uthe ubufakazi bukaButhelezi inzwabethi.