Izindaba

Ngibhecwa ngento engingayazi - iMeya

Khulekani Maseko|Published

IMEYA kuMasipala waseMsinga, uMnuz Mlethi Ndlovu Isithombe: SITHUNYELWE

KUPHOQE ukuthi ishiye inkonzo ingaphelile imeya ekhonjwe ngenjumbane njengombulali, emngcwabeni wekhansela elabulawa ebelifihlwa eMsinga, ngeSonto.

UMnuz Mlethi Ndlovu oyiMeya kuMasipala waseMsinga, ekhuluma neSolezwe izolo, uthe unqume ukuwushiya ungaphelile umngcwabo ngenxa yokuhlanjalazwa nguzakwabo oveze ukuthi wayekhona ngesikhathi bedutshulwa, esigamekweni okwashona kuso uMnuz Siyanda Magubane obeyikhansela ku-ward 11 kulo masipala.

UMnuz Lungisani Ntuli oyikhansela ku-ward 12 kulo masipala okuthiwa wayesemotweni eyodwa noMagubane ngesikhathi behlaselwa besemgwaqweni uR33, eCwaka, khona eMsinga, uveze izinsolo ezishaqisayo ngesikhathi ekhuluma emngcwabeni wathi; “uNdlovu ubengomunye wababebadubula”.

Kwi-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana eveza uNtuli ekhuluma eme eduze kwebhokisi likazakwabo, ngesikhathi ephendukela kuNdlovu emnameka ngalezi zinsolo, obonakala ephendula ngokunikina ikhanda.

“Lilahle oyedwa kodwa laba abebekade besishaya alikabalahli. Lilahle umnikazi wendaba. Ngizosho futhi ukuthi ngubani umnikazi wendaba. Kuthe isichotho sesiphelile, ngaphakamisa ikhanda ngase ngikubona nkunzimalanga… Mhlonishwa umeya, Gatsheni, bekungafanele usibulale kanje,” kusho obekhuluma kwi-video.

Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uNtuli izolo.

UNdlovu uthe lokhu okushiwo nguNtuli ubengakulindele kwazise bebesebenzisana kahle bengenanxa.

“Usengaze asukume angihlambalaze emngcwabeni kazakwethu kanjena pho ngento engingayazi? Uma enobufakazi ngalezi zinsolo, kungani engabuhambisanga emaphoyiseni kunokuthi azokwenza kanje?” kukhala uNdlovu.

Uthe lezi zinsolo zimphethe kabuhlungu kangangoba umatasa nommeli wakhe ukuze ameluleke ngokumele akwenze ngokwehliswa isithunzi.

Uveze ukuthi selokhu kwashona uMagubane, ubehlangana nomndeni futhi efakwa ezinhlelweni lapho kumele akhulume khona njengemeya. Uthe nakuba abekhona amahemuhemu abeke awezwe kwelokuthi uyingxenye yokusocongwa kwekhansela kepha ubecacisa lapho kumele acacise khona. Uthe ubengekho umuntu obeke wamqonda wambeka lezi zinsolo.

Uthe uyezwa ukuthi uNtuli uhlela ukuxolisa ngakwenzile, wathi ufisa ukuthi lokhu angakwenzi kuyena kodwa akhulume ebantwini kwazise lezi zinsolo uzenze kugcwele abantu.

Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe ihhovisi likaNobhala jikelele waleli qembu, uMnuz Siphosethu Ngcobo, selijube ithimba elizophenya ngalezi zinsolo, libuyise umbiko.

“Sinxusa amaphoyisa ukuthi aphenye ngokushesha kuboshwe kuphinde kushushiswe labo abathintekayo kuleli cala. Ithimba lizobuyisa umbiko kunobhala weqembu nasebuholini obuphezulu ngaphambi kokuthi kushaye uMsombuluko ozayo, bese kuthathwa isinqumo ngokombiko,” kusho uHlengwa.

Unxuse amalungu e-IFP ukuthi ehlise umoya njengoba i-IFP namaphoyisa benza uphenyo ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe leli cala liphenywa yithimba lamaphoyisa eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki.