ISEXWAYISO se-Yellow Level 4 mayelana namagagasi anolaka nemvula namandla sikhishwe ngabakwaSouth African Weather Service. Umonakalo ibonakale ngezikhukhulu ezundaweni ezahlukene eKapa kuleli sonto. Ithimba elilawula izinhlekelele lizoqhubeka nokuhlola ezindaweni lapho kubikwe khona izikhukhula, ukuze athole izinga kanye nohlobo losizo oludingekayo.
Image: ARMAND HOUGH / INDEPENDENT NEWSPAPERS
KUSHAYEKE kakhulu abasemijondolo ngezikhukhula ezihlasele esifundazweni iWestern Cape. Abahlali basemijondolo yaseTaiwan eKapa bakhosele ehholo lomphakathi.
Image: AYANDA NDAMANE
Sibukeza okwenzweke ezweni lonke ngeso lomthwebuli.
IPHINI likamengameli uMnuz Paul Mashatile lijoyine i-NYDA eSandton, emcimbini i-G20 round-table yabantu abasha eyisendlalelo sengqungquthela yeG20 ezoba kuleli. Ngesiqubulo esithi “Ukuthuthukisa Ukulingana, Amakhono Okwakha, kanye Nokusungula Okusha,” i-G20 Intergenerational Investment Roundtable iyingxenye yeHhovisi likamengameli we-G20 laseNingizimu Afrika. I-Roundtable ihlanganisa intsha, amalungu eKhabhinethi, izikhungo zesifunda, ababambisene nentuthuko, kanye nezinkampani ezizimele, ukuze kubunjwe amasu asebenzayo okukhula okubandakanya wonke umuntu, ukutshalwa kwezimali, kanye nokusungula izinto ezintsha ezizukulwaneni zonke.
Image: TIMOTHY BERNARD / INDEPENDENT NEWSPAPERS
ABANIKAZI bezinhlangano ezingenzi nzuzo bahlangene babhikisha ngaphandle kwamahhovisi omnyango wezezimali eGauteng bekhala nokuncishiswa kwesabelo mali
Image: Timothy Barnard
I-Police and Prisons Civil Rights Union (POPCRU) iqale i-Restore Dignity March njengengxenye yomkhankaso wayo oqhubekayo wokuvikela amalungelo abasebenzi. Izithombe namavidiyo
Image: Oupa Mokoena
ABAKWATOYOTA bakuthakasele ukubuya lomncintiswano wabo owaqalwa ngonyaka odlule iToyota Cup. I-Toyota Cup izoba seThekwini ngoJulayi lapho kuzodudulana khona iKaizer Chiefs FC nezinkunzi zaseGhana, i-Asante Kotoko SC. Lo mdlalo ohlelelwe uMgqibelo womhla zingama-26, eMoses Mabhida Stadium, uzohlanganisa amakilabhu amabili anamafa aziqhenyayo, abalandeli abanothando, kanye nendawo ehlanganyelwe ngamagugu ebhola lase-Afrika.
Image: SITHUNYELWE
IQEMBU lamaBhokobhoko ngesikhathi sokuzilolonga e-DHL Stadium eKapa, lilungiselela umdlalo wabo wokuvula isizini weQatar Airways Cup bebhekene namaBarbarians agcwele izihlabani.
Image: Ayanda Ndamane/Independent Media